"induku"
27 occurrences in ZUL
Wayesethi uJehova kuMose : Yelula isandla sakho , uyibambe ngomsila . Wayeselula isandla sakhe, wayibamba; yaphenduka induku esandleni sakhe --
UMose wayesethatha umkakhe namadodana akhe , wabakhwelisa embongolweni, wabuyela ezweni laseGibithe ; uMose waphatha induku kaNkulunkulu ngesandla sakhe.
Nxa uFaro ekhuluma kini , ethi: Zifakazeleni ngesimangaliso, uyakusho ku- Aroni ukuthi : Thatha induku yakho , uyiphonse phansi phambi kukaFaro , ukuze iphenduke inyoka.
OMose no-Aroni bangena kuFaro, benza njengalokho uJehova ebayalile; u- Aroni waphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro naphambi kwezinceku zakhe, yaphenduka inyoka.
Ngokuba yilowo nalowo waphonsa phansi induku yakhe , zaphenduka izinyoka; kepha induku ka-Aroni yagwinya izinduku zabo.
Yana kuFaro kusasa ekuseni ; bheka, uyaphuma ukuya emanzini ; yima ogwini lo mfula ukumhlangabeza ; induku eyaphenduka inyoka woyiphatha ngesandla sakho.
UJehova wathi kuMose: Yisho ku-Aroni, uthi: Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe , naphezu kwemifula , naphezu kweminonjana yabo , naphezu kweziziba , naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi , kube khona igazi ezweni lonke l aseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe.
OMose no -Aroni base bekwenza -ke njengalokho uJehova ebayalile ; waphakamisa induku , washaya amanzi asemfuleni emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe; onke amanzi asemfuleni aphenduka igazi.
UJehova wayesethi kuMose : Yisho ku -Aroni, uthi: Yelula induku yakho , ushaye uthuli lomhlabathi, lube ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.
UMose wayeselula induku yakhe ngasezulwini ; uJehova wathuma ukuduma nesichotho; nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wawisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe.
UMose wayeselula induku yakhe phezu kwezwe laseGibithe ; uJehova waletha umoya wasempumalanga ezweni ngalo lonke lolo suku nobusuku bonke; sekusile umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.
Phakamisa wena induku yakho , welule isandla sakho phezu kolwandle , ulwahlukanise; abantwana bakwa-Israyeli bazakuhamba phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo.
UMose wathi kuJoshuwa : Sikhethele amadoda , uphume ulwe no -Amaleki; kusasa ngizakuma esiqongweni sentaba , induku kaNkulunkulu isesandleni sami.
Wathatha induku yakhe ngesandla , wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni , wawafaka esikhwameni somalusi ayenaso , eyikeni lakhe, indwayimana yakhe isesandleni sakhe; wayesesondela kumFilisti.
wabulala nowaseGibithe, umuntu owabukeka emuhle ; owaseGibithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe , kepha wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe , wambulala ngomkhonto wakhe.
Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso , kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.
Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na ? Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo , njengokungathi induku i zamazamisa abayiphakamisayo , nodondolo luphakamisa ongesiwo umuthi, na?
Kuyakuthi njalo lapho induku enqunyiweyo idlula , uJehova ayibeka phezu kwalo, kube ngezigubhu nangamahabhu, alwe nalo ngengalo enikiniweyo.
Wena ndodana yomuntu, zithathele induku, ulobe kuyo ngokuthi: EkaJuda neyabantwana bakwa-Israyeli, abangane bakhe . Thatha enye induku , ulobe kuyo ngokuthi: EkaJosefa, induku ka -Efrayimi neyendlu yonke yakwa - Israyeli, abangane bakhe,
khuluma kubo , uthi: Isho kan je iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuyithatha induku kaJosefa esesandleni sika -Efrayimi nezizwe zakwa - Israyeli, abangane bakhe , ngiyibeke endukwini kaJuda , ngizenze zibe yinduku inye, babe munye esandleni sami.
Abantu bami babuza emthini, induku yabo ibatshele , ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.
Izwi likaJehova liyamemeza kuwo umuzi . Ukwesaba igama lakho ngukusindiswa; zwanini induku noyimisileyo.