Skip to Content

"ingani"

18 occurrences in ZUL

Ungakhulumi enhliziyweni yakho , uJehova uNkulunkulu wakho esebaxoshile ngaphambi kwakho , ngokuthi: Ngenxa yokulunga kwami uJehova ungingenisile ukuba ngidle leli zwe , ingani kungenxa yobubi balezo zizwe uJehova azixosha phambi kwakho.

niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi , nibakhande ngamatshe baze bafe , intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini , nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe ; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

Niyakushiywa nibe yingcosana , ingani naningangezinkanyezi zezulu ngobuningi, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.

Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa -Amoni ephuma ukulwa nani , nathi kimi : Hhayi, kepha masibuswe yinkosi , ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.

ingani uyazonda ukuqondiswa, amazwi ami uwalahla emva kwakho, na?

Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi ; ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.

Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile , wathi: Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkul u enhliziyweni yolwandle , ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu , noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu

Usasho phambi kokubulalayo ukuthi : Ngingunkulunkulu mina , ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, esandleni sokugwazayo, na?

Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa ; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu.

UZakariya wathi engelosini : Ngiyakukwazi ngani lokhu na ? Ingani sengiyindoda endala mina, nomkami uqhubekile ezinsukwini zakhe.

Sase siphendula esinye , sasithethisa sathi: Nawe awumesabi uNkulunkulu , ingani ukulokhu kulahlwa nawe na?

ingani uJesu uqobo kabhapathizanga , kodwa kwakubhapathiza abafundi bakhe,

Waphendula lowo muntu , wathi kubo: Lokhu kuyisimangaliso ukuthi nina anazi lapho evela khona, ingani uvule amehlo ami.

ukuze zifune uNkulunkulu, ingabe zingamuzwa, zimfumane; ingani kakude kulowo nalowo kithi.

Kepha ngithi ngesikhathi indlalifa iseyingane , kayahlukile ngalutho encekwini, ingani iyinkosi yakho konke;

ingani sasingaba namandla okunisinda njengabaphostoli bakaKristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe.

befuna ukuba babe ngabafundisi bomthe tho, ingani kabaqondi abakushoyo nabaqinisa ngakho begomela.

Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubupristi banomyalo wokuthatha okweshumi kubantu ngokomthetho , okungukuthi kubafowabo , ingani baphume okhalweni luka-Abrahama;