Ngalona lolo suku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke elalinga phambi kwendlu kaJehova , ngokuba wanikela lapho ngomnikelo wokushiswa , nangomnikelo wempuphu, nangamanoni eminikelo yokuthula, lokhu i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova lalilincane ukuba liwamukele umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni eminikelo yokuthula.
USolomoni wangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngokuba wanikela lapho ngeminikelo yokushiswa namanoni eminikelo yokuthula , ngokuba i -altare lethusi ayelenzile uSolomoni lalingenakwanela umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni.
Mfarisi oyimpumputhe , hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo , ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo.
Yayisithi iNkosi kuye : Manje-ke nina baFarisi nihl ambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ingaphakathi lenu ligcwele ukuphanga nokubi.