Skip to Content

"ingcebo"

61 occurrences in ZUL

Ngokuba yonke ingcebo uNkulunkulu amamuke yona ubaba ingeyethu neyabantwana bethu; manje konke uNkulunkulu akutshele khona, kwenze.

Ngilugange, namabele ami anjengemibhoshongo; khona ngaba semehlweni akhe njengofumene ukuthula. Ingcebo enkulu kunekaSolomoni

Kukhona ingcebo enxanelekayo namafutha endlini yohlakaniphileyo, kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.

Amakamelo agcwaliswa ngokwazi , ngayo yonke ingcebo enqabileyo nemnandi.

Ngokuba ingcebo ayiyikuhlala kuze kube phakade ; umqhele uyahlala izizukulwane ngezizukulwane na?

Wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi , yebo, wathatha konke, wathatha zonke izihlangu zegolide ezenziwe nguSolomoni.

Yakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi , yahlahlela zonke izinto zeg olide uSolomoni inkosi yakwa -Israyeli azenzileyo ethempelini likaJehova njengokukhuluma kukaJehova.

U-Azimaveti indodana ka -Adiyeli wayephethe ingcebo yenkosi ; uJonathani indodana ka-Uziya wayephethe izinto emasimini , nasemizini, nasemizaneni, nasezinqabeni;

Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga : ingcebo egcinelwe umniniyo ukuba imlimaze;

futhi uma ingcebo ichithw a ngengozi embi , indodana ayizaliley o ayinalutho esandleni sayo.

Ngokuba umntwana engakazi ukumemeza ngokuthi baba nomame , kuyakususwa ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya phambi kwenkosi yase-Asiriya.

KumaLevi u -Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.

amadodana amaJehiyeli , oZethamu noJoweli umfowabo , ayephethe ingcebo endlini kaJehova.

Yena uShelomoti nabafowabo babephethe yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezangcweliswa nguDavide inkosi , nezinhloko zawoyise , nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zempi.

Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe , wena ubusa phezu kwakho konke ; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha , esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla.

Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni : Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho , ungacelanga ingcebo , nemfuyo, nodumo, nokuphila kwabakuzondayo , futhi ungacelanga imihla eminingi , kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi phezu kwabo,

UShishaki, inkosi yaseGibithe , wakhuphukela eJerusalema , wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi , yebo, wathatha konke, wathatha izihlangu zegolide ezenziwe nguSolomoni.

Noma enezithelo phakathi kwabafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ovela ehlane ; besewujabha umthombo, isiphethu sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, zonke izinto ezinxanelekayo.

Khona uDariyu wakhi pha isimemezelo , kwacingwa endlini yezincwadi , lapho ingcebo yayibekelelwa khona eBabele.

lapho iyibonakalisa ingcebo yombuso wayo odumileyo , nobukhosi nobuhle bobukhulu bayo izi nsuku eziningi , izinsuku eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.

Ugwinyile ingcebo ; uyakubuye ayihlanze ; uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.

Ubumnyama bonke bubekelelwe ingcebo yakhe ; umlilo ongavuthelwanga uyakuyidla, uchithe okusele etendeni lakhe.

Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulun kulu abe yinqaba yaso , kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.

Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe; ukulunga kwakhe kumi phakade.

Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene , nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo.

Ingcebo nodumo kukimi, ukunotha okumiyo nokulunga.

Ingcebo yobubi ayisizi lutho, kepha ukulunga kophula ekufeni.

Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.

Owesifazane onomusa uzuza udumo, nezidlwangudlwangu zizuza ingcebo.

Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa , kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.

Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa , kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.

Endlini yolungileyo kukhona ingcebo eningi , kepha enzuzweni yababi kukhona ukuhlupheka.

Ukuthola ingcebo ngolimi lwamang a kuyize elizulazuliswa , nezingibe zokufa.

Futhi bonke abantu uNkulunkulu abaphe ingcebo nemfuyo , abanike futhi namandla okud la kukho ukuba bathathe izabelo zabo , bathokoze ngomshikashika wabo lokho kuyisipho sikaNkulunkulu.

umuntu uNkulunkulu amnika ingcebo , nemfuyo, nodumo, aze angasweli lutho lomphefumulo wakhe kukho konke akufisayo , uNkulunkulu angamniki nokho amandla okudla kukho, kepha kudliwa ngumfokazi ; lokho kuyize , kuyisifo esibi.

Ngokuba uthi : Ngamandla esandla sami ngikwenzile , nangokuhlakanipha kwami, ngokuba nginokuqonda; ngisusile imikhawulo yezizwe , ngiphangile ingcebo yazo, njengesiqhwaga ngawisa phansi abakhileyo khona.

Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama , nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo, ukuba wazi ukuthi nginguJehov a okubiza ngegama lakho , uNkulunkulu ka-Israyeli.

Khona uyakubona , ukhazimule; inhliziyo yakho iyakugquma , yanuleke, ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe , nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.

Intendele efukamela ingazalanga , unjalo owenza ingcebo ngokungalungi ; iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe, abe yisiwula ngasekugcineni.

Futhi ngiyakunikela yonke imfuyo yalo muzi , nayo yonke imisebenzi yawo, nakho konke kwawo okuyigugu , yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBabele.

Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango ; badlile imiphefumulo , bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo.

ITharishishi lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bayo yonke ingcebo yakho; benana impahla yakho ngesiliva nangensimbi nangethini nangomthofu.

IDamaseku lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bemisebenzi yakho , ngobuningi bayo yonke ingcebo, linewayini laseHeliboni noboya obumhlophe bezimvu.

Ingcebo yakho , nempahla yakho , nentutho yakho , amatilosi akho , nabashayeli bakho , abavimbi zimf a bakho , nabaphathi bakho bokuthenga, nawo onke amadoda akho empi akuwe , naso sonke isixuku esiphakathi kwakho kuyakuwela enhliziyweni yolwandle ngosuku lokuwa kwakho.

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngizakunika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele , izwe laseGibithe ; uyakuyisusa ingcebo yalo, aphange impango yalo, agcugce ingcugco yalo, kube yinkokhelo yempi yakhe.

Inkemba iyakulehlela iGibithe, kube yimihelo eKushe, lapho abagwaziweyo bewa eGibithe; bayakususa ingcebo yalo, kudilizwe izisekelo zalo.

Ingcebo yabo iyakuba yimpango , nezindlu zabo incithakalo ; bayakwakha izindlu, kepha abayikuhlala kuzo , batshale izivini , bangaliphuzi kodwa iwayini lazo.

NoJuda uyakulwa eJerusalema , kubuthwe ingcebo yazo zonke izizwe ezizungezileyo, igolide, nesiliva, nezambatho, kube kuningi kakhulu.

Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni , lapho kona inundu nokugqwala , nalapho amasela efohla khona, ebe.

Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini , lapho kungoni inundu nokugqwala , nalapho amasela engafohli khona, ebe.

Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho , nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.

Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.

Thengisani ngeninakho , niphe abampofu ; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini , lapho kungasondeli sela , kungoni nundu khona.

Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu , lapho iyakuba khona nenhliziyo yenu. Inceku ethembekileyo (Math. 24:42)

waqoqa bona kanye nezisebenzi ezinjalo, wathi: Madoda, niyazi ukuthi kulo msebenzi kuvela ingcebo yethu,

Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene , neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuph endukeni na?

kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu.

okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;

Ingcebo yenu ibolile, nezingubo zenu zidliwe yizinundu;

igolide lenu nesiliva kugwalile , nokugwala kwakho kuyakuba ngufakazi ngakini, kudle inyama yenu njengomlilo . Niqongelele ingcebo ezinsukwini zokuphela.

Ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile . Nabashayeli bonke bemikhumbi, nabo bonke abaya nomaphi ngomkhumb i, namatilosi, nabo bonke abasebenza elwandle bemela kude,