Namuhla ngineminyaka engamashumi ayisihiyagalombili ; ngingahlukanisa okuhle nokubi yini ? Inceku yakho ingezwa ekudlayo nekuphuzayo na ? Ngingabe ngisalizwa izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na ? Inceku yakho isezakuba ngumthwalo wenkosi yami , inkosi, ngani na?
Ihleka umsindo wedolobha, ingezwa ukumemeza komshayeli.
Inhliziyo yabo injengamafutha ingezwa lutho ; kepha mina ngithokoza ngomthetho wakho.
Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa.