Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini , inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha , nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.