Skip to Content

"ingithumile"

5 occurrences in ZUL

Wathi: Sisahlezi kahle . Inkosi yami ingithumile ngokuthi : Bheka, manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zamadodana abaprofethi zivela ezintabeni zakwa-Efrayimi; ake uzinike italenta lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.

Wayesehamba uHazayeli ukumhlangabeza , wazithathela ngesandla sakhe izipho ezintweni zonke ezinhle zaseDa maseku, imithwalo yamakamela angamashumi amane, weza wema phambi kwakhe , wathi: Indodana yakho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, ingithumile kuwe ngokuthi: Ngiyakusinda kulesi sifo na?

Kepha uRabi Shake wathi kubo : Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawa mazwi na ? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo , baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?

Kepha uRabi Shake wathi : Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawamazwi na ? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo, baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?

Khona wahamba u -Ananiya, wangena endlini , wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: Sawulu umzalwane , iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo , ingithumile ukuba ubuye ubone , ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.