Skip to Content

"ingonyama"

23 occurrences in ZUL

UDavide wathi kuSawule : Inceku yakho yayizalusa izimvu zikayise ; lapho kwafika ingonyama nebhere kwathatha imvu emhlambini,

Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere , nalowo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.

Ivila lithi : Kukhona ingonyama ngaphandle ; ngiyakubulawa phandle esigcawini.

UBenaya indodana kaJehoyada , indodana yendoda enamandla , owayenze imisebenzi emikhulu , owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa,

Ivila lithi: Kukhona ingonyama endleleni nebhubesi esigcawini.

Esezwile lokho umprofethi obembuyisile endlelni wathi: Ngumuntu kaNkulunkulu lowo owayengalaleli izwi likaJehova ; ngalokho uJehova umnikele kuyo ingonyama , yamdwengula; yambulala njengezwi likaJehova alikhuluma kuye.

Wahamba, wafumana isidumbu sakhe sintshingwe endleleni , imbongolo nengonyama zimi eceleni kwesidumbu ; ingonyama ayidlanga isidumbu , ayidwengulanga nembongolo.

Wayesethi kuye : Ngokuba ungalalelanga izwi likaJehova , bheka, uyakwanele ukusuka nje kimi , ingonyama ikubulale . Wanele wasuka nje kuye, ingonyama yamfumana, yambulala.

NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu , owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa.

Ngokuba amanzi aseDimoni agcwele igazi ; yebo, ngiyakwehlisela iDimoni nokunye: ingonyama phezu kwabasindileyo bakwaMowabi, insali yezwe.

ingonyama, iqhawe ezilwaneni; ayihlehli nakusiphi;

Uyakunyathela ingonyama nebululu , unyathele phansi ibhongo lengonyama nodrako.

Inkomo nebhere kuyakuklaba , amazinyane akho abuthise ndawonye , ingonyama idle utshani njengenkabi.

Akuyikuba khona lapho ingonyama , nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona ; lokho akuyikufunyanwa khona , kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.

Impisi iyakudla ndawonye newundlu , ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka ; aziyikulimaza, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele, usho uJehova.

Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo , umchithi wezizwe uyeza ; uphumile endaweni yakh e ukuba ulenze izwe lakho libe yincithakalo , ichithwe imizi yakho, kungabikho ohlala kuyo.

Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo , badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.

Ingonyama iyabhodla ehlathini , ingenampango, na? Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo, uma lingabambanga lutho, na?

Ingonyama ibhongile , ngubani ongayikwesaba na ? INkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na? Ukwahlulelwa kweSamariya

Kunjengalokhu umuntu ebalekela ingonyama , kuhlangane naye ibhere , noma engena endlini encike ngesandla odongeni, alunywe yinyoka.

Uphi umphandu wezingonyama , nedlelo lamabhongo ezingonyama , lapho kwahamba ingonyama nengo nyamakazi nebhongo lengonyama , kungekho okwesabisayo na?

Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo , yabindela izingonyamakazi zayo ; yagcwalisa imiphandu yayo ngempang o nemigede yayo ngengcugco.

Omunye wamalunga wayesethi kimi : Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda , iMpande kaDavide , ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.