"ingubo"
90 occurrences in ZUL
OShemi noJafete bathatha ingubo , bayifaka emahlombe abo bobabili , bahamba nyovane , basibekela ubunqunu bukayise ; ubuso babo babubh eka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.
Kepha u -Israyeli wathanda uJosefa kakhulu kunabantwana bakhe bonke , ngokuba wayeyindodana yobuxhegu bakhe ; wamenzela ingubo enemikhono emide.
Kwathi u Josefa esefike kubafowabo , bamkhumula ingubo yakhe , leyo ngubo enemikhono emide ayeyigqokile.
Wayibona, wathi: Yiyo ingubo yendodana yami ; isilwane esibi simdlile ; yebo, uJosefa udatshuliwe nokudatshulwa.
wambamba ngengubo yakhe , wathi: Lala nami , kepha washiya ingubo yakhe esandleni sakhe, wabaleka, wagijimela phandle.
wathi ezwa ukuthi ngiphakamisa izwi lami ngimemez a, washiya ingubo yakhe kimi, wabaleka, wagijimela phandle.
kwathi ukuba ngiphakamise izwi lami ngimemeza , yashiya ingubo yayo kimi, yabalekela phandle. Ukuboshwa kukaJosefa
Bayakwenza ingubo yamahlombe ngegolide , nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu , nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, kube ngumsebenzi wengcweti.
Wayenza ingubo yamahlombe ngegolide , nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.
Konke okuyakuthinta inyama yawo kuyakuba ngcwele; nxa ingubo ifafazwa ngegazi lawo, lapho kufafazwe khona uyakukugeza endaweni engcwele.
Wamfaka ibhantshi , wambhincisa ibhande , wamembathisa ijazi ; wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, wayibophela kuye ngalo.
Woshisa ingubo, noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo, noma eyoboya bezimbuzi noma eyelineni , noma into yesikhumba esikuyo isifo , ngokuba kuluchoko olubi; kuyakushiswa ngomlilo.
Ingubo noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo noma intoni yesikhumba oyakuyihlanza, uma ibala lisuka kukho, kohlanzwa ngokwesibili, kuhlambuluke.
Niyakugcina izimiso zam i; ungavumeli izilwane zakho zizekwe ngolunye uhlobo; ungahlwanyeli ensimini yakho izinhlobo ezimbili zembewu ; kungezi phezu kwakho ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana.
Owesifazane makangagqoki okwendoda , nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho. Ngokuphatha kahle izilwane nangokungahlanganisi okungafanele
bhekani, umkhesile ngezinto eziyihlazo ngokuthi : Angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi endodakazini yakho , nokho nazi iziqiniseko zobuntombi bendodakazi yami . Bayakuyeneka ingubo phambi kwamalunga omuzi.
Awuyikuphendukezela ukwahlulelwa komfokazi noma okwentandane , ungathathi ingubo yomfelokazi ibe yisibambiso,
Ngabona empangweni ingubo enhle yaseShineyari , namashekeli angamakhulu amabili esiliva, nesigaxa segolide esinesisindo esing amashekeli angamashumi ayisihlanu , ngakufisa, ngakuthatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.
UJayeli waphuma ukumhlan gabeza uSisera, wathi kuye: Phambuka, nkosi yami; phambukela kimi , ungesabi. Waphambukela kuye etendeni , wamembesa ingubo.
Bathi: Siyakukunika wona impela. Beneka ingubo, baphonsa khona, kwaba yilowo nalowo amacici empango yakhe.
UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho , wayibeka emzini wakhe e - Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona ; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.
Lowo muntu uMika wayenendlu enawonkulunkulu , wenza ingubo yamahlombe namatherafi , wahlukanisela enye indodana yakhe ibe ngumpristi wakhe.
Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe laseLayishi base bephendula, bathi kubafowabo : Niyazi yini ukuthi kukho na kulezi zindlu ingubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibaziweyo , nesithombe esibunjiweyo na? Ngalokho cabangani manje ukuthi niyakwenzani.
Yayisithokoza inhliziyo yompristi , wayithatha ingubo yamahlombe , namatherafi, nesithombe esibaziweyo, wangena phakathi kwabantu.
Yayisithi: Letha ingubo ephezu kwakho, uyibambe. Wayibamba, yalinganisa kasithupha ibhali, yamthwesa lona, wangena emzini.
Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e -altare lami , ashise impepho , afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa - Israyeli.
u-Ahiya indodana ka -Ahithubi, umfowabo ka-Ikabodi indodana kaFinehasi ka-Eli, umpristi kaJehova eShilo , wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile.
UJonathani wakhumula ingubo ayenayo , wayinika uDavide , nezinye izambatho zakhe kwaze kwaba nenkemba yakhe, nomnsalo wakhe, nebhande lakhe.
Inkosi yathi kuDowegi : Sondela wena , usukele abapristi . UDowegi wabakwa-Edomi wasondela , wabasukela abapristi , wabulala ngalolo suku abantu abangamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu , abembethe ingubo yamahlombe yelineni.
Kwathi lapho u -Abiyathara indodana ka -Ahimeleki ebaleka eya kuDavide eKeyila, wehla, ingubo yamahlombe isesandleni sakhe.
UDavide wazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye ; wathi ku -Abiyathara umpristi: Letha ingubo yamahlombe.
UDavide wathi ku-Abiyathara umpristi, indodana ka-Ahimeleki: Ake ulethe kimi ingubo yamahlombe . U-Abiyathara wayiletha ingubo yamahlombe kuDavide.
UDavide wasina ph ambi kukaJehova ngamandla akhe onke ; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni.
UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda , wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile , wathwala izandla ekhanda , wamuka, ehamba ekliwula.
U-Amasa wahuquzela egazini lakhe phakathi nomendo . Lapho lo muntu ebona ukuthi bonke abantu bema , wamgudluza u -Amasa emendweni , wamyisa ensimini , waphonsa ingubo phezu kwakhe , lapho ebona ukuthi bonke abadlula ngakuye bema.
Kwathi ngaleso sikhathi , lapho uJerobowamu ephumile eJerusalema , umprofethi u -Ahiya waseShilo wamfumana endlel eni, embethe ingubo entsha; labo bobabili babebodwa endle.
Wayesesuka lapho , wamfumana u -Elisha indodana kaShafati ; wayelima ngezinkabi ezingamabh angqa ayishumi nambili phambi kwakhe , yena esebhangqeni leshumi nambili ; u-Eliya wadlulela kuye , waphonsa ingubo yakhe kuye.
U-Eliya wathatha ingubo yakhe , wayisonga, washaya amanzi , ahlukana ngalapha nangalapha, bawela bobabili emhlabathini owomileyo.
Wayithatha ingubo ka -Eliya ebiwile kuye , washaya amanzi , wathi: Uphi uJehova uNkulunkulu ka-Eliya na? Esewashayile amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha; u-Elisha wawela.
Kwaphuma omunye , waya endle ukukha imifi no, wafumana intandela yasendle, wabutha kuyo izintangazane ; yagcwala ingubo yakhe ; wafika, waziklabelela ekhanzini lokudla, ngokuba babengazazi.
Kwathi inkosi isizwile amazwi alo wesifazane , yaklebhula iz ingubo zayo isadlula phezu kogange ; abantu babuka , bheka, yayinendwangu yamasaka phansi emzimbeni wayo.
Zase zishesha, zathatha, kwaba yileyo naleyo ingubo yayo, zazibeka phansi kwakhe esikhwelweni, zabetha icilongo, zathi: UJehu uyinkosi.
UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo kan ye nawo onke amaLevi ayethwala umphongolo , nabahlabeleli, noKhenaniya induna yokuthwala kwabahlabeleli; uDavide wayenengubo yamahlombe yelineni.
Lapho ngizwa leyo ndaba, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.
Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa ngavuka ekuzileni kwami , ingubo yami nejazi lami kuklebhukile , ngaguqa ngamadolo , ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,
Ngavuthulula ingubo yami , ngathi: UNkulunkulu makavuthulule kanjalo bonke abantu abangagcini leli zwi ezindlini zabo nasemfuyweni yabo ; mabavuthululwe kanjalo , babe yize . Lonke ibandla lathi : Amen, ladumisa uJehova. Abantu base benza njengalelo zwi.
Izintombi zika-Esteri nezinduna zakhe zafika zamtshela lokho ; inkosikazi yazwiswa kakhulu ubuhlungu ; yathuma izingubo zokumembathisa uMoridekayi, yasusa kuye ingubo yakhe yamasaka; kepha akazamukelanga.
Kwathi ngosuku lwesithathu u -Esteri wembatha ingubo yobukhosi , wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi ; inkosi yayihlezi esihlalweni sayo sobuk hosi endlini yobukhosi malungana nomnyango wendlu.
Wayesesukuma uJobe , waklebhula ingubo yakhe , waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,
Lapho bephakamisa amehlo abo besekude , abamazanga; badazuluka bakhala, baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe , bafafaza amakhanda abo ngothuli beluphonsa phezulu.
ngiyakumembathisa ingubo yakho, ngimqinise ngebhande lakho, nginikeze ukubusa kwakho esandleni sakhe , abe nguyise kwabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.
ngenze ukuba abalilayo eSiyon i baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundl eni sokulila , ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulung a nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.
Ngiyakuphemba umlilo uyakuzishisa, athumbe onkulunkulu, embathe izwe laseGibithe njengomalusi embatha ingubo yakhe , aphume eGibithe ngokuthula.
Lapho ngidlula kuwe, ngikubona, bheka, kwakuyisikhathi sakho, isikhathi sokuthanda; ngeneka ingubo yami phezu kwakho , ngembathisa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe , ngangena esivumelwaneni nawe , isho iNkosi uJehova, waba ngowami.
Kepha izwi lafinyelela enkosini yaseNineve ; yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo , yazimboza ngendwangu yamasaka , yahlala phansi emlotheni.
Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha ; nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba, befulathele ukulwa.
Kuyakuthi ngalolo suku abaprofethi babe namahloni , kube yilowo n alowo ngombono wakhe ekuprofetheni kwakhe , bangembathi ingubo yoboya ukuyokhohlisa;
Kuthe inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado;
Esembhinqile amhlubula ingubo ebubende , amembathisa izingubo zakhe . Ayesephuma naye ukuba ambethele esiphambanweni.
Kuthe bengena ethuneni , babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka.
Kepha uHerode namabutho akhe bameyisa, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu.
UKorneliyu wathi : Ngezinsuku ezine ezidlule ngaleli hora bengenza umkhuleko wehora lesishiyagalolunye endlini yami ; bheka, indoda eyembethe ingubo ekhazimulayo yema phambi kwami,
Ingelosi yathi kuye: Gqoka, ufake izicathulo zakho. Wenze njalo. Yathi kuye: Yembatha ingubo yakho, ungilandele.
nofana nendodana yomuntu ephakathi kwezinti zezibani , embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande legolide ezibeleni;
Base benikwa , kwaba yilowo nalowo ingubo ende emhlophe , kwashiwo kubo ukuba baphumule isikhashana, baze baphelele abayizinceku kanye nabo nabazalwane babo ababezakubulawa njengabo.