Bheka, umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho ; bathi: S inike yena owashaya umfowabo ukuba simbulale ngenxa yomphefumulo womfowabo , sichithe indlalifa . Bayakucima kanjalo ilahle lami eliseleyo , bangabe besashiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.
UShafani umbhali wayitshela inkosi , wathi: UHilikiya umpristi ung inike incwadi. UShafani wafunda kuyo phambi kwenkosi.
Uma kukuhle enkosini , makuphume izwi lobukhosi , lilotshwe phakathi kwemithetho yamaPheresiya namaMede, lingalahlwa, lokuba uVashiti angabe esangena phambi kwenkosi u -Ahashiveroshi, inkosi inike omunye omuhle kunaye ubukhosikazi bakhe.