"inkazimulo"
112 occurrences in ZUL
Ngenxa yami , ngenxa yami ngiyakwenza, ngokuba igama lami lingcoliselwani na? Anginiki omunye inkazimulo yami.
Inkazimulo yaseLebanoni iyakuza kuwe , umsayipuresi, nomthidari, nomkhoba kanyekanye , ukuyihlobisa indawo yendlu yami engcwele , ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.
Niyakumlandisa ubaba yonke inkazimulo yami eGibithe , nakho konke enikubonileyo, nisheshe nehlise ubaba, nimlethe lapha.
Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova , lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?
Kwathi u -Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa - Israyeli, babheka ngasehlane ; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.
NginguJehova; yilo igama lami ; angiyikunika omunye inkazimulo yami , nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.
Inkazimulo kaJehova yahlala entabeni yaseSinayi , ifu layisibekela izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa esefwini wambiza uMose.
UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso , njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe . Wabuyela ekamu , kepha i nceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni. UMose ucela ukubona inkazimulo kaJehova
Kuyakuthi isadlula inkazimulo yami , ngiyakukufaka ofantwini lwedwala , ngikumboze ngesandla sami, ngize ngidlule.
Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane , kadlanga lutho , kaphuzanga manzi . Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi. Inkazimulo yasebusweni bukaMose
Wayesethi uMose : Nansi into uJehova ayala ngayo ukuba niyenze , kuze kubonakale kini inkazimulo kaJehova.
OMose no-Aroni bangena etendeni lok uhlangana, babuye baphuma , bababusisa abantu; yayisibonakala inkazimulo kaJehova kubantu bonke.
Ngalolo suku abesifazane abayisikhombisa bayakubamba indoda inye, bathi: Siyakudla isinkwa sethu , sembathe izingubo zethu . Masibizwe kuphela ngegama lakho, ususe ihlazo lethu. Inkazimulo yaseSiyoni
UJehova uyakudala phezu kwayo yonke indawo y entaba yaseSiyoni naphezu kwemihlangano yayo ifu nomusi emini nokukha nya kwelangabi lomlilo ebusuku, ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyakuba khona isivikelo.
Kwathi inhlangano isibahlanganyele oMose no-Aroni, babheka ngasetendeni lokuhlangana; bheka, ifu lalisibekela, inkazimulo kaJehova yabonakala.
Kepha inhlangano yonke yathi mabakhandwe ngamatshe . Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana kubo bonke abantwana bakwa - Israyeli. Intukuthelo kaJehova. Isijeziso sabakwa-Israyeli
lokhu bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami,
UKora wahlanganisela kubo yonke inhlangano ngasemny ango wetende lokuhlangana; inkazimulo kaJehova yabonakala kuyo yonke inhlangano.
OMose no-Aroni basuka ebusweni bebandla ukuya ngasemnyango wetende lokuhlangana, bawa ngobuso babo; inkazimulo kaJehova yabonakala kubo.
UJoshuwa wayesethi ku -Akani: Ndodana yami , ake umnike uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli inkazimulo , uvume kuye , ungitshele okwenzileyo , ungangifihleli.
uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu ; uma umuntu ekhonza , makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu , ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
Wamqamba umntwana ngokuthi u -Ikabodi, ethi: Inkazimulo isukile kwa - Israyeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nangenxa kayisezala wakhe nomyeni wakhe.
abapristi baze bangema ukukhonza ngenxa yefu , ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.
Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, nize phambi kwakhe, nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele.
Elinye lamemeza kwelinye , lathi: Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.
baze bangema abapristi ukukhonza ngenxa yefu ; ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.
USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.
Abapristi babengenakungena endlini kaJehova , ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.
Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke ! wena owabeka inkazimulo yakho ezulwini.
Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.
Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kepha uliphe igama lakho inkazimulo ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.
Mabadumise igama likaJehova , ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.
Luyakukhahlela kahle , luthokoze, yebo, luthokoze, luhube; luyakuphiwa udumo lweLebanoni, nobukhosi beKarmeli nobeSharoni, lubone inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.
Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.
Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa , nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.
Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho , namakhosi onke inkazimulo yakho ; uyakubizwa ngegama elisha eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova.
Ngiyazi imisebenzi yabo nemicabango yabo ; ngiyeza ukubutha zonke izizwe nezilimi, zifike, zibone inkazimulo yami.
Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo , ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo , nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami , zingabonanga inkazimulo yami, baze balande ngenkazimulo yami ezizweni.
Wayesengiphakamisa uMoya , ngezwa emva kwami izwi lokuduma okukhulu, lathi: Mayibusiswe inkazimulo kaJehova endaweni yakhe;
Ngasuka, ngaphuma ngaya ethafeni ; bheka, inkazimulo kaJehova yayimi khona njengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebari , ngawa ngobuso bami.
Inkazimulo kaNkulunkulu ka -Israyeli yayenyukile ekherubini eyayiphezu kwalo, yaya embundwini wendlu , wayibiza indoda eyembethe ilineni , eyayinophondo lukayinki womlobi ngasokhalweni lwayo.
Inkazimulo kaJehova yenyuka ekherubini, yaya embundwini wendlu; indlu yagcwala ifu, igceke lagcwala ukumenyezela kwenkazimulo kaJehova.
Amakherubi aphakamisa amaphiko awo , enyuka emhlabathini phambi kwamehlo ami ekuphumeni kwawo , amasondo eseceleni kwawo ; ema ngasesivalweni sesango lasempumalanga lendlu kaJehova ; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo.
Amakherubi ayesephakamisa amaphiko awo namasondo ayeseceleni kwawo; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo.
Ngiyakubeka inkazimulo yami phakathi kwezizwe , zonke izizwe zibone isahlulelo sami engisenzileyo, nesandla sami engisibeke kuzo.
bheka, inkazimulo kaJehova ka-Israyeli yavela ngasempumalanga , izwi lakhe lalinjengokuholoba kwamanzi amaningi , umhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.
UMoya wangiphakamisa , wangingenisa egcekeni elin gaphakathi; bheka, inkazimulo kaJehova yayigcwalisa indlu.
Wayesengiyisa ngaphambi kwendlu ngendlela yesango lasenyakatho ; ngabuka, bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa i ndlu kaJehova , ngawa ngobuso bami.
Inkazimulo yokugcina yale ndlu iyakuba nkulu kuneyokuqala , usho uJehova Sebawoti, nginike ukuthula kule ndawo, usho uJehova Sebawoti.
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ongithumile ukulanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaziniphanga ngokuba othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe uthi:
Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo , inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu.
UPetru nababe naye babekhwelwe ngubuthongo ; kepha sebephapheme babona inkazimulo yakhe namadoda amabili emi naye.
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye. Abathengisi ethempelini
Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphe yona ; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe.
Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini , wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,
labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade;
okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo , siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu.
Uma-ke singabantwana , siyizindlalifa futhi , izindlalifa zikaNkulunkulu , izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye , ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye. Abantwana bakaNkulunkulu bayakungena ebukhosini emva kwezinhlupheko
ukuba abonakalise ing cebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa ayezilungisele inkazimulo ngaphambili,
Ngokuba konke kuvela kuye , kukhona ngaye , kuya kuye ; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.
Ikhona nemizimba yasezulwini nemizimba yasemhlabeni; kepha inkazimulo yeyasezulwini iyodwa, neyasemhlabeni iyodwa.
Iyodwa inkazimulo yelanga , iyodwa inkazimulo yenyanga , iyodwa inkazimulo yezinkanyezi; yebo, enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.
oyena futhi osenzela amandla okuba yizikhonzi zesivumel wano esisha , singesiso esegama kodwa esikaMoya ; ngokuba igama liyabulala , kodwa uMoya uyaphilisa. Inkazimulo yenkonzo entsha iyayidlula eyendala
Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa , sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.
Ngokuba uNkulunkulu owathi : Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye, nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu. Amandla avela evangelini ayaqinisa ezinhluphekweni nasezingozini
oyisibambiso sefa lethu , kube ngukuhlengwa kokungokwakhe , ukuze kutuswe inkazimulo yakhe. UPawulu ucelela ibandla ukuba lazi ubukhosi bukaKristu
INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi , ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini ; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. Isigcino
Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose , njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu.
makaniphelelise kukho konke okuhle , ukuze nenze intando yakhe , esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu ; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade . Amen.
enikholwa nguNkulunkulu ngaye , owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.
kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu . Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.
Kuthi lapho izidalwa zimnika inkazimulo nodumo nokubon ga ohlezi esihlalweni sobukhosi, yena ophilayo kuze kube phakade naphakade,
Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu weth u ukwamukela inkazimulo nodumo namandla , ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.
isho ngezwi elikhulu , ithi: Mesabeni uNkulunkulu , nimnike inkazimulo , ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile ; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.
Masithokoze, sethabe, futhi masimnike inkazimulo , ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomkalo uzilungisele;