Skip to Content

"inkonzo"

46 occurrences in ZUL

Kuyakuthi lapho senifike ezweni uJehova azakuninika lona njengesithembiso sakhe, niyakugcina inkonzo yakhe.

Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwa -Israyeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.

bathi kuMose : Abantu baletha okuningi kakhulu kunokwanele inkonzo yomsebenzi ayalile ngawo uJehova ukuba wenziwe.

Bayakugcina izimfanelo zakho nezimfanelo zenhlangano yonke phambi kwetende lokuhlangana ukwenza inkonzo yetabernakele.

Bayakugcina yonke impahla yetende lokuhlangana nezimfan elo zabantwana bakwa-Israyeli ukwenza inkonzo yetabernakele.

nezilenge zegceke, neveli lomnyango wegceke elingasetabernakele nangase- altare nxazonke, nezintambo zalo, nayo yonke inkonzo yalokho.

Njengokomumo wabo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisithupha, begcina inkonzo yendlu engcwele.

Okugcinwa yibo kuyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwezibani, nama- altare, nezimpahla zendlu engcwele abakhonza ngazo , neveli, nayo y onke inkonzo yalokho.

U-Eleyazare indodana ka -Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.

Labo ab amisa phambi kwetabernakele ngasempumalanga , ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga , bayakuba ngoMose no - Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.

Zamukele kuzo , ukuze zenze inkonzo yetende lokuhlangana , uzinike amaLevi, kube yilowo nalowo muntu ngokomsebenzi wakhe.

Kepha amadodana kaKohati akawanikanga lutho , ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayiyiwo eyawo; ayithwala emahlombe awo.

Emva kwalokho amaLevi ayakungena ukwenza inkonzo yetende lokuhlangana; uyakuwahlambulula, unikele ngawo abe ngu mnikelo wokuzuliswa.

Ngesiyalezo sikaJehova bamisa , nangesiyalezo sikaJehova bahamba ; bagcina inkonzo kaJehova ngesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.

kuyinto encane yini kini ukuthi uNkulunkulu ka -Israyeli unahlukanisile nenhlangano ka-Israyeli, wanisondeza kuye ukwenza inkonzo yetabernakele likaJehova nokuma phambi kwenhlangano ukuyikhonza,

Bayakuhlanganiswa nawe , bagcine inkonzo yetende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wetende; umfokazi akayikusondela kuwe.

Niyakugcina inkonzo yendlu engcwele nenkonzo yase -altare, ukuze ulaka lungabe lusaba khona phezu kwabantwana bakwa-Israyeli.

Bhekani, ngibanikile abantwana bakwaLevi konke okweshumi kwa-Israyeli, kube yifa labo , ngomsebenzi abawusebenzayo , inkonzo yetende lokuhlangana.

Kepha amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lokuhlangana, athwale ububi bawo; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ; naphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli abayikuba nafa.

Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke , ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele likaJehova.

yebo, kule nxenye yabantwana bakwa-Israyeli uMose wathatha kube kunye emashumini ayisihlan u, awabantu nawezilwane , wakunika amaLevi agcina inkonzo yetabernakele likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Nimtshele u -Arkiphu, nithi: Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini , ukuze uyifeze.

kepha libe ngufakazi phakathi kwethu nani naphakathi kwezizukulwane zethu emva kwethu , ukuze senze inkonzo kaJehova phambi kwakhe ngeminikelo yethu yokushiswa , nangemihlatshelo ye thu, nangeminikelo yethu yokuthula , ukuba abantwana benu bangasho kubantwana bethu ngesikhathi esizayo ukuthi: Aninasabelo kuJehova.

Wathi kimi : Leli kamelo elibheke ngaseningizimu ngelabapristi abagcina inkonzo yasendlini.

Ikamelo elibheke ngasenyakatho ngelabapristi abagcina inkonzo yase - altare; bangamadodana kaSadoki aphakathi kwamadodana kaLevi , asondela kuJehova ukumkhonza.

Abafowabo amaLevi banikelelwa yonk e inkonzo yetabernakele lendlu kaNkulunkulu.

UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu , nangezingubhu, nangamasimbali; umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje:

Nokho bayakuba yizinceku zakhe ukuba bazi inkonzo yami nenkonzo yemibuso yezizwe. UShishaki usukela iJerusalema

UHezekiya wakhuluma kahle kuwo onke amaLevi ayebonakalisa ukuqonda inkonzo kaJehova . Badla-ke iminikelo yomkhosi izinsuku eziyisikhombisa , benikela ngemihlats helo yeminikelo yokut hula, bembonga uJehova uNkulunkulu wawoyise.

Yayisilungiswa-ke inkonzo ; abapristi bema ezindaweni zabo namaLevi ngezigaba zawo njengesiyalezo senkosi.

Yayisilungiswa-ke inkonzo kaJehova ngalusuku lunye ukwe nza iphasika nokunikela ngeminikelo yokushiswa e -altare likaJehova njengesiyalezo senkosi uJosiya.

Bamisa abapristi ngamaqembu abo namaLevi ngezigaba zawo ukuba baphathe inkonzo kaNkulunkulu eseJerusalema njengokulotshiweyo encwadini kaMose.

Uma benamahloni ngakho konke abakwenzileyo, mawubazise isimo sendlu, nokubonakala kwayo , nezindawo zayo zokuphuma , nezindawo zayo zokungena, yebo, sonke isimo sayo kanye nazo zonke izimiso zayo , nazo zonke izimo zazo kanye nayo yonke imithetho yayo , ukulobe emehlweni abo ukuba bagcine sonke isimo sayo nazo zonke izimiso zayo, bazenze. Inkonzo yethempeli elisha

Anigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kepha nibeke abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.

Kepha abapristi bamaLevi , amadodana kaSadoki , ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele lapho abantwana bakwa -Israyeli beduka kimi , bayakusondela kimi , bangikhonze, beme phambi kwami , banikele kimi ngamanoni nangegazi, isho iNkosi uJehova;

bayakungena endlini yami engcwele , basondele etafuleni lami ukuba bangikhonze, bagcine inkonzo yami.

Uyakuba ngowabapristi , abangcwelisiweyo bamadodana kaSadoki , abagcine inkonzo yami; abadukanga lapho beduka abantwana bakwa-Israyeli, njengalokho aduka amaLevi.

Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami , uyakwahlulela endlini yami , ugcine namagceke ami ; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.

Kwathi-ke esayenza inkonzo yobupristi phambi kukaNkulunkulu njengokuhlelwa kwesikhathi sesigaba sakubo,

Kepha uma inkonzo yokufa , enamagama aqoshiwe ematsheni , yafika inenkazimulo, ngangokuba abantwana bakwa -Israyeli babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe eyayingephelayo,

pho, inkonzo kaMoya ayiyikuba nenkazimulo kakhulu kunayo na?

Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibinenkazimulo , ikakhulu inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu.

Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana,

asibekeli muntu nasinye isikhubekiso nangokukodwa , funa inkonzo yethu isolwe,

ezinegama lokuhlakanipha kambe ngokuzikhethela inkonzo , nangokuzithoba, nangokuhlupha umzimba ; akusizi lutho maqondana nokuzithiba kwenyama.

kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu , esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu. Isivumelwano esisha sikhulu kunesidala