"inkosikazi"
43 occurrences in ZUL
Hlala uzithulele , ungene ebumnyameni , wena ndodakazi yamaKaledi , ngokuba awusayikubizwa ngokuthi iNkosikazi Yemibuso.
Wangena kuHagari ; wakhulelwa. Esebonile ukuthi ukhulelwe , inkosikazi yakhe yadeleleka emehlweni akhe.
Yathi: Hagari, ncekukazi kaSarayi , uvelaphi na ? Uyangaphi na ? Wathi: Ngibaleka ebusweni bukaSarayi inkosikazi yami.
Inkosi uSolomoni yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho uSolomoni ayinika khona ngokuphana kwenkosi . Yayisibuya, yaya ezweni layo, yona nezinceku zayo. Ukuceba kukaSolomoni nobukhosi bakhe; ukuhlakanipha kwakhe nobukhulu bakhe
Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha , negolide eliningi , namatshe ayigugu ; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.
Inkosi uSolomoni yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho ebikulethele inkosi . Yayisibuya, yaya ezweni layo , yona nezinceku zayo. Ukuceba kukaSolomoni nobukhosi bakhe; ukuhlakanipha kwakhe nobukhulu bakhe
Inkosi yathi kimi, inkosikazi ihlezi eceleni kwayo: Uhambo lwakho luyakuba yisikhathi esingakanani , nokubuya kuyakuba nini na ? Kwaba kuhle -ke enkosini ukuvuma ukuba ngihambe; ngayitshela isikhathi esithile.
ukuba zimlethe uVashiti inkosikazi phambi kwenkosi , abe nomqhele wobukhosi ukuba abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe , ngokuba wayebukeka kahle.
Kepha inkosikazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinduna; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu , ulaka lwayo lwashisa phakathi kwayo.
yathi: Siyakwenze njani kuyo inkosikazi uVashiti njengomthetho , ngokuba ayenzanga izwi lenkosi u-Ahashiveroshi ngesandla sezinduna, na?
UMemukhani wathi phambi kwenkosi nezikhulu : UVashiti, inkosikazi, akonanga enkosini kuphela , kepha nakuzo zonke izikhulu nakubantu bonke abasezifundeni zenkosi u-Ahashiveroshi.
Ngokuba le ndaba yenkosikazi iyakuphumela kubo bonke abesifazane ukuba ama doda abo adeleleke emehlweni abo , lapho kuthiwa inkosi u- Ahashiveroshi yamyala uVashiti , inkosikazi, ukuba alethwe phambi kwayo , kepha akafikanga.
Inkosi yamthanda u -Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi , wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti.
Leyo ndaba yaziwa nguMoridekayi , wayitshela u-Esteri inkosikazi; u-Esteri wayisho enkosini egameni likaMoridekayi.
Izintombi zika-Esteri nezinduna zakhe zafika zamtshela lokho ; inkosikazi yazwiswa kakhulu ubuhlungu ; yathuma izingubo zokumembathisa uMoridekayi, yasusa kuye ingubo yakhe yamasaka; kepha akazamukelanga.
Kwathi lapho inkosi ibona u -Esteri inkosikazi emi egcekeni , wafumana umusa emehlweni ayo ; inkosi yamelulela u -Esteri intonga yegolide esesandleni sayo. Wayesesondela u-Esteri, wasithinta isihloko sentonga.
UHamani wathi futhi : U-Esteri, inkosikazi, akangenisanga muntu kanye nenkosi edilini alilungisileyo ngaphandle kwami; nakusasa mina ngimenyiwe nguye kanye nenkosi.
Wayesephendula u-Esteri inkosikazi, ethi: Uma ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi, noma kukuhle enkosini , mangiphiwe ukuphila kwami ngesicelo sami nokwesizwe sakithi ngokufuna kwami,
Yayisisho inkosi u-Ahashiveroshi, ithi ku-Esteri inkosikazi: Ngubani lo, uphi yena onesibindi sokwenza lokho na?
Yayisisukuma inkosi ngolaka lwayo edilini lewayini , yaya ensimini yendlu yenkosi; uHamani wasukuma ukunxusa u -Esteri inkosikazi ngokuphila kwakhe, ngokuba wabona ukuthi usenqunyelwe okubi yinkosi.
Inkosi isibuya ensimini yendlu yenkosi , ingene endlini yedili lewayini , uHamani wayesewele embhedeni u -Esteri ayekuwo . Yayisithi inkosi : Uyakuyiphoqa inkosikazi phambi kwami lapha endlini na ? Lapho liphuma leli zwi emlonyeni wenkosi, bamboza ubuso bukaHamani.
Ngalolo suku inkosi u -Ahashiveroshi yanika u -Esteri, inkosikazi, indlu kaHamani isitha sabaJuda. UMoridekayi weza phambi kwenkosi, ngokuba u- Esteri wayeselandile ukuthi uyini naye.
Inkosi u-Ahashiveroshi yathi ku-Esteri, inkosikazi, nakuMoridekayi, umJuda: Bhekani, nginike u -Esteri indlu kaHamani ; yena bamphanyekile emthini , ngokuba wabeka isandla sakhe kubaJuda.
Inkosi yayisithi ku -Esteri inkosikazi : AbaJuda babulele bac hitha abantu abangamakhulu ayisihlanu eShushani endlini yenkosi namadodana ayishumi kaHamani; pho, benzeni kwezinye izifunda zenkosi ? Isicelo sakho siyini ? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa.
U-Esteri inkosikazi , indodakazi ka -Abihayili, noMoridekayi umJuda base beloba ngamandla onke ukuba baqinise le ncwadi yesibili yePhurimi.
ukuba aqinise lezo zinsuku zePhurimi ngezikhathi zazo ezinqunyiweyo njengokuzimisa kukaMoridekayi umJuda no-Esteri inkosikazi, nanjengalokho bezimisele bona nenzalo yabo ngendaba yokuzila ukudla nokukhala kwabo.
Amadodakazi amakhosi aphakathi kwabes ifazane bakho abadumileyo ; inkosikazi imi ngakwesokunene sakho, ihlobe igolide lase-Ofiri.
Abantwana batheza izinkuni , oyise baphemba umlilo , abesifazane baxova inhlama ukuba benzele inkosikazi yezulu amaqebelengwane , bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwa ukuba bangicunule.
Kepha siyakwenza nokwenza onke amazwi aphumile emilonyeni yethu , sishisele inkosikazi yezulu impepho , siyithululele iminikelo yokuphuzwa , njengalokho senzile , thina nawobaba , namakhosi ethu , nezikhulu zethu emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, ngokuba sasisuthi isinkwa, sahlala kahle, asabona okubi.
Kepha selokhu sayeka ukushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa , siswele konke , siqedwe ngenkemba nangendlala.
Lapho sesishisela inkosikazi yezulu impepho , siyithululele iminikelo yokuphuzwa, siyenzela amaqebelengwane anesithombe sayo , siyithululelele iminikelo yokuphuzwa ngaphandle kwamadoda ethu, na?
Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Nina nawomkenu nikhulumile ngemilomo yenu , nakugcwalisa ngezandla zenu , nathi: S iyakugcwalisa nokugcwalisa izithembiso zethu esizenzileyo zokushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela imin ikelo yokuphuzwa. Qinisani nokuqinisa izithembiso zenu, nigcwalise nokugcwalisa izithembiso zenu.
Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena inkosikazi endlini yedili ; inkosikazi yakhuluma yathi : Mana njalo , nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho.
Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni ; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.
Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye namadoda alesi sizukulwane , iwalahle; ngokuba yavela emikhawulw eni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.