"inqaba"
25 occurrences in ZUL
Bonke abantu bagawula , kwaba yilowo nalowo igatsha lakhe kanjalo , bamlandela u-Abimeleki, bawabeka enqabeni, bayithungela inqaba ngomlilo phezu kwabo ; bafa bonke abantu abasembhoshongweni waseShekemi , kungathi abayinkulungwane, abesilisa nabesifazane.
uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami ; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.
Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe , ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga , uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke.
Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide : Awuyikungena lapha . UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.
Jehova uyidwala lami , nenqaba yami , nomkhululi wami ; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo , nesihlangu sami , nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.
Inqaba iyakuphela kwa -Efrayimi, nombuso eDamaseku , nensali e -Aramu, kube njengodumo lwabantwana bakwa-Israyeli, usho uJehova Sebawoti.
Yiba namahloni wena Sidoni , ngokuba lukhulumile ulwandle , inqaba yolwandle, ngokuthi: Angibanga namihelo , angizalanga, angikhulisanga izinsizwa, angondlanga izintombi.
Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu, inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo, isiphephelo esivunguvungwini , umthunzi ekubaleleni , ngokuba umoya waba nonya, unjengesivunguvungu odongeni,
Noma iBabele likhuphukela ezulwini , yebo, noma liqinisa inqaba yalo enamandla, kuyakuvela nokho kimi abachithi, balehlele, usho uJehova.
Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga , kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke.
uwuvimbezele, wakhe inqaba ngakuwo , uwunqwabele iduli , umise amakamu ngakuwo, ubeke ngakuwo nxazonke izinqama zokungqubuza.
ITire lazakhela inqaba , lanqwabela isiliva njengothuli , negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.
Wena ndodana yomuntu, angithi kuyakwenzeka mhla ngisusa inqaba yabo, intokozo nobuhle babo , okunxanelekayo emehlweni abo , nababeke umphefumulo wabo kukho, amadodana abo namadodakazi abo,
Uyakubulala amadodakazi akho endle ngenkemba , enze inqaba ngakuwe , akunqwabele iduli, akumisele ihawu.
Izimpi ziyakuvela nayo, zingcolise indlu engcwele, inqaba, zisuse umnikelo oshiswa imihla yonke, zimise isinengiso esichithayo.