Skip to Content

"inqola"

22 occurrences in ZUL

UJosefa wayesebophela inqola yakhe , wakhuphuka ukumhlangabeza u - Israyeli uyise eGosheni ; wazibonakalisa kuye , wawa entanyeni yakhe , wakhala ngasentanyeni yakhe isikhathi eside.

Wabophela inqola yakhe, wahamba nabantu bakhe.

Wabheka efasiteleni , wamemeza, unina kaSisera wathi eheleni : Inqola yakhe ilibalelani ukufika na? Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?

Manje thathani nilungise inqola entsha nezinkomo ezimbili ezincelisayo okungafikanga joka phezu kwazo , nizibophele izinkomo enqoleni, nibuyisele ekhaya amankonyane azo,

Inqola yangena ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemeshi, yema khona, lapho kwakukhona itshe elikhulu ; babanda inqola yaba yizinkuni , banikela ngezinkomo zaba ngumnikelo wokushiswa kuJehova.

Kwathi emva kwalokho u -Abisalomu wazilungiselela inqola , namahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukuba bagijime phambi kwakhe.

Inqola yenyuka yaphuma eGibithe ngamashekeli angamakhulu ayisithupha esiliva nehhashi ngayikhulu namashumi ayisihlanu ; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase-Aramu ngezandla zabo.

Inkosi uReho bowamu yathuma u-Adoramu owayephezu kwezisebenzi ; u- Israyeli wonke wamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema.

Kwathi ngesikhashana nje izulu laguqubala ngamafu nangomoya , lana imvula enkulu. U-Ahabi wakhwela inqola, waya eJizreyeli.

uzibalele impi njengaleyo mpi olahlekelwe yiyo , ihhashi ngehhashi, inqola ngenqola, silwe nabo ethafeni , sibahlule impela . Yalalela izwi labo , yenze njalo.

Amadoda aqaphela lokho , ashesha ukuqinisa okuvela kuye , athi: Ngumfowenu uBeni Hadadi . Wathi: Hambani, nimlande. UBeni Hadadi wayesephumela kuye; wamkhwelisa inqola yakhe.

Sebeyihlanza inqola echibini laseSamariya , izinja zaxhapha igazi lakhe , nezifebe zageza khona njengezwi likaJehova abelikhulumile.

Kwathi beselokhu behamba bekhuluma , bheka, nanso inqola yomlilo namahhashi omlilo , kwabahlukanisa bobabili ; u-Eliya wakhuphukela ezulwini ngesivunguvungu.

UJehu wayesekhwela inqola, waya eJizreyeli, ngokuba uJoramu wayelele lapho. U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, wayehlele ukumbona uJoramu.

Wayesethi uJoramu: Bophela. Babophela-ke inqola yakhe. UJoramu inkosi yakwa-Israyeli no -Ahaziya inkosi yakwaJuda baphuma , kwaba yilowo nalowo ngenqola yakhe , baphuma ukum hlangabeza uJehu , bamfumana esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli.

Bakhuphula, bakhipha eGibithe inqola ngamashekeli angamakhulu ayisithupha esiliva , nehhashi ng ayikhulu namashumi ayisihlanu ; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase -Aramu ngezandla zabo.

Inkosi uRehobowamu yathuma u -Adoramu owayephezu kwezisebenzi ; abantwana bakwa -Israyeli bamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema.

Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.

ngiphahlaze ngawe ihhashi nenkweli yalo , ngiphahlaze ngawe inqola nohamba ngayo;

Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo ; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngez inqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.

Ngiyakunquma inqola kwa -Efrayimi nehhashi eJerusalema , nomnsalo wokulwa uyakunqunywa ; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe , nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni kuze kufike emajukujukwini omhlaba.

Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza.