Skip to Content

"inqwaba"

6 occurrences in ZUL

Wathi uJakobe kubafowabo: Buthani amatshe , bathatha amatshe , benza inqwaba; base bedla khona phezu kwenqwaba.

kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo , ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono;

Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe ; isekhona nanamuhla; uJehova waphenduka entukuthelweni yake enkulu . Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi isigodi sase-Akori kuze kube namuhla.

Inkosi yase -Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa ; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini , basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi , wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla. I-altare entabeni yase-Ebali

Wathi uSamsoni : Ngomhlathi wembongolo ngibulele inqwaba , yebo, izinqwaba ezimbili, ngomhlathi wembongolo abantu abayinkulungwane.

Bamthatha u -Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini , babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe ; bonke abakwa -Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.