Skip to Content

"intaba"

43 occurrences in ZUL

Ukwakha kwabo kwasukela eMesha kwaze kwafika ngaseSefare , intaba yasempumalanga.

Wena-ke wobamise la abantu umkhawulo nxazonke , uthi: Xwayani ukuba ningakhuphukeli entabeni , ningathinti umkhawulo wayo . Lowo othinta intaba uyakubulawa impela;

Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.

UMose wathi kuJehova : Abantu abanakukhuphukela entabeni yaseSinayi , ngokuba usiyalisisile, wathi: Yimisele intaba umkhawulo, uyingcwelise.

UMose wayesekhuphukela entabeni, ifu lasibekela intaba.

Kuyakuthi ngezinsuku ezizay o intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba , iphakame kunamagquma , nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.

Lokhu kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho : kusukela eLwandle Olukhulu anoziphawulela intaba yaseHori;

Sase siphenduka sahamba, saya ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu, njengalokho ebeshilo k imi uJehova . Sazungeza intaba yaseSeyiri izinsuku eziningi.

ningalwi nabo , ngokuba angiyikuninika izwe labo , ngisho nendawo yamathe onyawo, lokhu ngimnikile u-Esawu intaba yaseSeyiri ibe yifa lakhe.

Nase nisondela , nema phansi kwentaba ; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye.

Kwathi lapho nilizwa izwi elivela phakathi kobumnyama , intaba ivutha umlilo, nasondela kimi, zonke izinhloko zenu zezizwe zenu namalunga enu,

Ngase ngiphenduka ngehla entabeni , intaba yavutha umlilo ; izibhebhe zombili zesivumelwano zazisezandleni zami zombili.

Khuphukela entabeni yase -Abarimi, intaba yaseNebo esezweni lakwaMowabi, emalungana neJeriko, ulibheke izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli ukuba libe yifa labo,

neGileyadi nomkhawulo wamaGeshuri nowamaMahakhathi , nayo yonke intaba yaseHermoni, nalo lonke iBashani kuze kufike eSaleka,

Ngamupha u-Isaka oJakobe no-Esawu; ngamnika u-Esawu intaba yaseSeyiri ukuba ayidle; uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibithe.

Wathenga intaba yaseSamariya kuShemere ngamatalenta amabili esiliva , wakha entabeni, waqamba igama lomuzi awakhileyo ngegama likaShemere umninintaba ngokuthi iSamariya.

U-Elisha wakhuleka , wathi: Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone . UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku , yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.

Impela intaba iyawa, idilike; idwala liyasuswa endaweni yalo;

Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.

Jehova, ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami ; wabufihla ubuso bakho, ngase ngithuthumela.

Inhle ngokuphakama , ingukuthokoza komhlaba wonk e intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu.

Mayijabule intaba yaseSiyoni , kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.

Intaba yaseBas hani iyintaba kaNkulunkulu ; intaba yaseBashani iyintaba eneziqongo.

Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda, intaba yaseSiyoni eyithandayo.

Namhla nje liyema ngaseNobi , linikinele isandla salo intaba yendodakazi yaseSiyoni, intaba yaseJerusalema.

Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawot i yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo , sivela kubantu abesa bekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo , esilizwe laso lidatshulwe yimifula , endaweni yegama likaJehova Sebawoti , intaba yaseSiyoni.

Kuyakuba njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla , kepha evuka usenephango, noma njengowomileyo ephupha ukuthi uyaphuza, kepha evuka uyethile, womile; siyakuba njalo isixuku sezizwe zonk e ezisukela intaba yaseSiyoni. Ubumpumputhe bokomoya

Kepha nina enimshiya uJehova, nikhohlwe intaba yami engcwele, nihlelele iNhlanhla itafula, nigcwalisele isiMiselo iwayini elixutshanisiweyo,

Impisi iyakudla ndawonye newundlu , ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka ; aziyikulimaza, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele, usho uJehova.

Intaba yami yasendle , impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.

UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda , wathi: U sho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ISiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.

Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo , usho uJehova , wena ochitha wonke umhlaba ; ngiyakwelulela isandla sami kuwe , ngikugingqe emadwaleni, ngikwenze intaba eshisiweyo.

Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso , ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.

Ngiyakwenza intaba yaseSeyiri ibe y incithakalo nokuyize, nginqume kuyo odlulayo nobuyayo.

Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini wa seJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bawobaba iJerusalema nabantu bakho sebe yihlazo kubo bonke abasizungezayo.

Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wen u engihlala eSiyoni, intaba yami engcwele ; iJerusalema liyakuba ngcwele , abafokazi abasayikulidabula.

Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu, umbuso besewuba ngokaJehova.

Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.

Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizay o intaba yendlu kaJehov a iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nabantu bayakugobhozela khona.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngiyakubuyela eSiyoni , ngihlale phakathi kweJerusalema; iJerusalema liyakuthiwa uMuzi Weqiniso nentaba kaJehova Sebawoti iNtaba Engcwele.

Izinyawo zakh e ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga , kube yisigodi esikhulu kakhulu ; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.

ngokuba babengenakukuthwala lokho abayalwa ngakho kokuthi : Ngisho nesilwane, uma sithinta intaba, siyakukhandwa ngamatshe,

Ingelosi yesibili yayisibetha ; kwangathi intaba enkulu ivutha umlilo , yaphonswa elwandle; okwesithathu kolwandle kwaba yigazi,