I-Asiriya aliyikusisindisa , asisayikukhwela amahhashi , singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu , ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.
Intandane ihlwithwa ebeleni, nengane yompofu ithathwa ibe yisibambiso,
uma ngiphakamisele intandane isandla sami, ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,
ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo , ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.
UJehova uyalondoloza abafokazi ; uyaphasa intandane nomfelokazi ; kepha indlela yababi uyayiphambanisa.