Skip to Content

"intokozo"

33 occurrences in ZUL

Ngase ngibabaza intokozo , ngokuba umuntu a kanakho okuhle phansi kwelanga kunokudla , nokuphuza, nokujabula; lokhu kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe ezinsukwini zokuphila kwakhe aziphiweyo nguNkulunkulu phansi kwelanga.

Umvini ubunile, imikhiwane iwumile; imipomegranati, namasundu, nemi- apula, nemithi yonke yasendle kubunile , ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.

Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu , intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?

Abangcwele abasemhlabeni, abayizikhulu, yonke intokozo yami ikubona.

Uyakungazisa indlela yokuphila ; ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho; intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.

Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.

Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami , ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.

ngijabula ezweni lomhlaba wakhe , intokozo yami ikanye namadodana abantu.

Inkohliso isezinhliziyweni zabaceba okubi , kepha abaluleka ukuthula , kubona kukhona intokozo.

Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo; umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo.

Konke amehlo ami akufisayo angikugodlanga kuwo ; angenqabelanga inhliziyo yami neyodwa intokozo , ngokuba inhliziyo yami yathokoza ngawo wonke umshikashika wami ; lokho kwakuyisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami.

Ngokuba akakhumbuli kakhulu izinsuku zokuphila kwakhe , lokhu uNkulunkulu emnika intokozo enhliziyweni yakhe.

Uyakwandisa isizwe , ukhulise intokozo yaso ; bathokoza phambi kwakh o njengokuthokoza ekuvuneni , njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.

Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova; akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe.

Kukhalwa ngewayini ezitaladini ; yonke intokozo inyamalele ; injabulo yezwe idlulile.

Abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova , nabampofu kubantu bayakujabula koNgcwele ka-Israyeli.

Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuy a baye eSiyoni ngokwethaba , intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo ; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.

Udla umlotha ; inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile ; akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi : Akukho yini amanga kwesokunene sami na? Intokozo ngokuhlengwa kuka-Israyeli

Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya , bafike eSiyoni bejabula ; intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo , bathole injabulo nentokozo, usizi nokububula kubaleke.

Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isa batha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo , nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo , uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,

Esikhundleni sehlazo lenu niyakuphiwa ngokuphindweyo ; abadumeleyo, ukujabula kuyakuba yisabelo sabo ; ngalokho ezweni lakubo bayakudla ifa ngokuphindiweyo, intokozo engapheliyo ibe ngeyabo.

Yizwani izwi likaJehov a nina enithuthumela ngezwi lakhe . Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bashilo bathi: Makazidumise uJehova ukuba sibone intokozo yenu, kepha bona bayakujabha.

Lo muntu uKhoniya uyisitsha esidelelw eyo nesaphukileyo na ? Uyindebe okungekho kuyo intokozo na? Uzwitshelweni yena nenzalo yakhe, balahlelwa ezweni abangalaziyo, na?

Intokozo yenhliziyo yethu iphelile; ukusina kwethu kuphenduke ukulila.

Wena ndodana yomuntu, angithi kuyakwenzeka mhla ngisusa inqaba yabo, intokozo nobuhle babo , okunxanelekayo emehlweni abo , nababeke umphefumulo wabo kukho, amadodana abo namadodakazi abo,

Ngiyakwenza ukuba iphele yonke intokozo yakhe , imikhosi y akhe, nokwethwasa kwenyanga , namasabatha akhe , nayo yonke imikhosi yakhe emisiweyo.

U-Israyeli uyagwinywa ; manje sebephakathi kwabezizw e njengesitsha okungekho intokozo kuso.

Nani-ke nilusizi manje , kepha ngiyakubuye nginibone , inhliziyo yenu ithokoze; intokozo yenu akakho onganamuka yona.

Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami . Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.

Abafundi bagcwala intokozo noMoya oNgcwele.

Ngalokho bephelekezelwe yibandla badabula iFenike neSamariya , balandisa ukuphenduka kwabezizwe, benzela bonke abazalwane intokozo enkulu.

Sesiyanilobela lokhu, ukuze intokozo yenu iphelele. Ukuhamba ekukhanyeni

Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yo kuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.