"intonga"
23 occurrences in ZUL
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda , nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.
Kuyakuthi umuntu engiyakumkhetha , intonga yakhe ihlume , ngenze ukuba kuphele ngakimi ukukhonona kwabantwana bakwa -Israyeli abakhonona ngakho ngani.
Kwathi ngolwangakusasa uMose wangena etendeni lobufakazi ; bheka, intonga ka -Aroni yendlu kaLevi ibisihlum ile, ivezile imiqumbe , iqhakazile izimbali, ithele ama-alimondi avuthiweyo.
UMose wakhiphela bonke abantwana bakwa -Israyeli zonke izintonga ngaphambi kukaJehova, babheka, yilowo nalowo wathatha intonga yakhe.
UJehova wathi kuMose : Buyisa intonga ka -Aroni ngaphambi kobufakazi , igcinwe ibe luphawu kubahlubuki , ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.
Thabatha intonga , ubuthe inhlangano , wena no -Aroni umfowenu , nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo ; uyakubavezela amanzi edwaleni , ukuze unike inh langano nezinkomo zayo ukuphuza.
Kwavela kwa -Efrayimi abampande yabo ikuma -Amaleki; emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho . KwaMakiri kwavela ababusi , kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.
Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enk osini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe , ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zi nsuku ezingamashumi amathathu.
Kwathi lapho inkosi ibona u -Esteri inkosikazi emi egcekeni , wafumana umusa emehlweni ayo ; inkosi yamelulela u -Esteri intonga yegolide esesandleni sayo. Wayesesondela u-Esteri, wasithinta isihloko sentonga.
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa , angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
Isihlalo sakho sobukhosi , Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.
Ngokuba intonga yababi ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo, funa abalungileyo belulele izandla zabo kokubi.
Ungathokozi wena Filistiya lonk e ngokuthi intonga ekushayileyo yaphukile, ngokuba empandeni yenyoka kuyakuphuma ibululu , nenzalo yalo iyakuba yinyoka endizayo.
Ngiyakwaphula imigoqo yaseDamaseku , nginqume abakhileyo eBikati Aveni, nophethe intonga eBeti Edene, abantu base-Aramu bathunjelwe eKhiri, usho uJehova.
Ngiyakunquma abakhileyo e -Ashidodi, nophethe intonga e -Ashikeloni, ngiphendulele isandla sami e -Ekroni; nensali yamaFilisti iyakuphela , isho iNkosi uJehova.
Bayakudabula elwandle lokuhlupheka , kushaywe amaza olwandle , nezintwa zonke zeN ayile ziyakoma, kwehliswe ukuziphakamisa kwe -Asiriya, isuke intonga yaseGibithe.