Ingubo noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo noma intoni yesikhumba oyakuyihlanza, uma ibala lisuka kukho, kohlanzwa ngokwesibili, kuhlambuluke.
Yilowo nalowo othinta noma intoni ahlala kuyo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
uthenge ngaleyo mali noma intoni umphefumulo wakho oyithandayo , izinkabi, noma izimvu, noma iwayini , noma uphuzo olunamandla , noma intoni umphefumulo wakho oyifunayo , udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wename, wena nabendlu yakho;