"iphasika"
49 occurrences in ZUL
UMose wayesebiza amalunga akwa -Israyeli, wathi kuwo : Hambani nizithathele amawundlu ngokwemindeni yenu, nihlabe iphasika.
Nxa umfokazi ogogobeleyo kuwe ezakumgcinela uJehova iphasika , mabasoke bonke abesilisa bakhe , asondele aligcine , abe njengowokuzalwa ezweni; kepha malingadliwa muntu ongasokiwe.
Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi ; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.
Kwakukhona amadoda athile ayengcolisiwe yisidumbu somuntu , engenakulenza iphasika ngalolo suku; eza phambi kukaMose naphambi kuka- Aroni ngalowo muhla.
Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: U ma umuntu wakini noma owezizukulwane zenu engcoliswa yisidumbu noma esekuhambeni , ekude, uyakulenza nokho iphasika kuJehova;
Kepha umuntu ohlambulukileyo , engekho ekuhambeni , oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo , ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo ; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.
Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu , ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo , uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni. Ifu elaliphezu kwetabernakele*
Gcina inyanga ka -Abibi, nilenze iphasika likaJehova uNkulunkulu wakho , ngokuba ngenyanga ka -Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku.
kepha endaweni ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho ukuba igama lakhe lihlale kuyo , lapho uyakuhlaba iphasika kusihlwa ekushoneni kwelanga, ngesikhathi owaphuma ngaso eGibithe.
UJehova wayesethi kuJoshuwa : Namuhla ngilethulile kini ihlazo laseGibithe. Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla. Iphasika laseKhanani
Abantwana ba kwa-Israyeli bamisa eGiligali , bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga ngakusihlwa emathafeni aseJeriko.
Inkosi yayisiyala bonke abantu ngokuthi : Yenzelani uJehova uNkulunkulu wenu iphasika njengokulotshiwe kule ncwadi yesivumelwano.
Ngokuba iphasika elinjalo lalingagcinwanga kusukela emihleni yabahluleli abahlulela u -Israyeli, nasemihleni yonke yamakhosi akwa -Israyeli, nakweyakwaJuda.
UJosiya wamenzela uJehova iphasika eJerusalema ; balihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala.
UHezekiya wathumela kuye wonke u -Israyeli noJuda, walobela o-Efrayimi noManase izincwadi ukuba beze endlini kaJehova eJerusalema , bamenzele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iphasika.
Ngokuba inkosi yayelulekene nezikhulu zayo nebandla lonke laseJerusalema ukuba bagcine iphasika ngenyanga yesibili.
Benza isinqumo sokuhambisa izwi ku -Israyeli wonke kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani ukuba bafike , bamenzele uJehova uNkulunkulu ka - Israyeli iphasika eJerusalema , ngokuba babengalenzanga ebandleni njengokulotshiweyo.
Base belihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yesibili ; abapristi namaLevi babe namahloni , bazingcwelisa, baletha iminikelo yokushiswa endlini kaJehova.
Ngokuba isixuku sabantu , abaningi bakwa-Efrayimi nakwaManase nakwa- Isakare nakwaZebuloni , sasingazihlambululanga, salidla iphasika ngokungalotshiwe. Ngokuba uHezekiya wayebakhulekele ngokuthi : UJehova omuhle makathethelele
Lihlabeni iphasika , nizingcwelise, nilungisele abafowenu ukuba benze njengezwi likaJehova ngesandla sikaMose.
Alosa iphasika ngomlilo njengokomthetho , neminikelo engcwele ayos a emakhanzini, nasezocweni, nasemabhodweni, ashesha akuletha kubantu besizwe.
Yayisilungiswa-ke inkonzo kaJehova ngalusuku lunye ukwe nza iphasika nokunikela ngeminikelo yokushiswa e -altare likaJehova njengesiyalezo senkosi uJosiya.
Abantwana bakwa -Israyeli ababekhona balenza iphasika ngaleso sikha thi nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.
Alenziwanga iphasika elinjengalelo kwa -Israyeli kusukela emihleni kaSamuweli umprofethi , nawo onke amakhosi akwa -Israyeli awenzanga iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabapristi, namaLevi, naye wonke uJuda no-Israyeli owayekhona, kanye nabakhileyo eJerusalema.
Ngokuba abapristi namaLevi babezihlambululile kanyekanye ; bonke babehlambulukile; bahlabela bonke abathunjwa iphasika , nabafowabo abapristi, bazihlabela nabo uqobo lwabo.
Kepha ngosuku lokuqala lwe sinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: Uthanda ukuba sikulungiselephi ukuba udle iphasika na?
Wathi: Hambani niye emzini kumuntu othile , nithi kuye: U thi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze ; ngizakwenza iphasika kwakho kanye nabafundi bami.
Emva kwezinsuku ezimbili kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna isu lokumbamba ngobuqili, bambulale.
Ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo okwakuhlatshwa ngalo iphasika abafundi bakhe bathi kuye: Uthanda ukuba siye silungiselephi ukuba udle iphasika na?
Lapho engena khona, anothi kumninindlu: Uthi uMfundisi: Iphi indlu yami, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?
nize nithi kumninindlu : U thi uMfundisi kuwe : Liphi ikamelo lokungenisa , lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?
Lase liseduze iPhasika labaJuda ; abaningi abavela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema ngaphambi kwePhasika ukuba bazihlambulule.
Base bekhipha uJesu kuKayafase , bemyisa endlini yokwa hlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enqabeni ukuba bangangcoli kodwa babe nokudla iphasika.