Skip to Content

"iphunga"

15 occurrences in ZUL

UJehova wezwa iphunga elimnandi ; uJehova wathi enhliziyweni yakhe : Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe ; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.

Wasondela wamanga , wahogela iphunga lezingubo zakhe , wambusisa wathi: Bheka, iphunga lendodana yam i linjengephunga lensimu ebusisiwe nguJehova.

Zathi kubo : UJehova makanibheke , ahlulele, ngokuba nilenzile iphunga lethu linuke kabi emeh lweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe , nibeke inkemba esandleni sabo ukuba basibulale.

Amamandragora athaphuka iphunga , nangaseminyango yeth u kukhona izinhlobo zonke zezithelo ezinqabileyo , ezintsha nezindala , engizibekele wena othandiweyo wami.

nenze umnikelo womlilo kuJehova , umnikelo wokushiswa , noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso , noma umnikelo wesihle , noma owemikhosi yenu emisiweyo , ukwenza iphunga elimnandi kuJehova , owezinkomo noma owezimvu,

Umkhiwane u thela amakhiwane awo aluhlaza , imivini inezimbali , ithaphuka iphunga layo ; vuka, sithandwa sami , muhlekazi wami ; woza sihambe. Umnyeni:

Izihlathi zakhe ziyizindima zamakha ezithaphuka iphunga, nezindebe zakhe ziyiminduze econsa imure elimanzi.

Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide , bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki ; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.

Imixhantela yakhe iyakuxhantela , ubuhle bakhe bube njengomnqumo , iphunga lakhe libe njengeLebanoni.

Inkosi isahlezi ngasetafuleni layo inadi lami lathaphuka iphunga lalo.

Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo , bese benikela khona ngemihlatshelo yabo , banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.

Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho, ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo, ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga, umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga , kukhuphuke ukunuka kwakhe , kwenyuke iphunga lakhe elibi; ngokuba wenzile izinto ezinkulu.

UMariya wayesethatha ilitra lamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu , wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe ; indlu yagcwala iphunga lamafutha.

Kodwa makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu nobonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke;

Kepha nginakho konke ngokweqileyo ; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu- Ephafrodithu okuvela kinina , iphunga elimnandi , umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.