Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u -Ahashiveroshi benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani imihla ngemihla i zinyanga ngezinyanga, kwaze kwaba ngeyeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.
ngokuba uHamani indodana kaHamedat ha umAgagi , isitha sabo bonke abaJuda, wayecebile ngabaJuda ukuba abachithe , waphonsa iPhure elinyinkatho ukuba abanqobe, abachithe;