Skip to Content

"iqiniso"

78 occurrences in ZUL

angifanele neze wonke umusa nalo lonke iqiniso okwenzele inceku yakho , ngokuba ngawela leli Jordani ngodondolo lwami kuphela, manje sengingamaqembu amabili.

Thumani omunye wenu , amlande umfowenu ; nizakuboshwa, ukuze kuvivinywe amazwi enu ukuba iqiniso likini yini ; uma kungenjalo, kuphila kukaFaro, niyizinhloli.

Ngalokho uSawule wathi kuJehova uNkulunkulu ka -Israyeli: Malivele iqiniso. OJonathani noSawule badliwa yinkatho, kepha abantu baphunyuka.

Thenga iqiniso , ungathengisi ng alo, nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.

Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo ; izibilini zabo zingukonakala : umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.

Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga , okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,

Kukhona nzuzoni egazini lam i nasekushoneni kwami egebeni na ? Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na?

Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni , kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini.

Ngokuba umusa wakhe mkhulu kithina ; iqiniso likaJehova limi phakade . Haleluya!

owenzile izulu nomhlaba , nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho , ogcina iqiniso kuze kube phakade;

Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso ; ububi buyisinengiso ezindebeni zami.

Ophefumula iqiniso ulanda ngokulunga , kepha ufakazi wamanga ngenkohliso.

Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova , kepha abenza iqiniso bayintokozo yakhe.

Vulani amasango ukuba isizwe esilungileyo esigcina iqiniso singene.

Ukwahlulela kubuyiselwa emuva , nokulunga kumi kude , ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini, nobuqotho abunakungena.

Iqiniso lisilele; osuka ebubini uzenza impango ; uJehova wakubona lokho , kwaba kubi emehlweni akhe ukuthi ukwahlulela akukho.

Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema , nibone nazi , nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu , uma kukhona owenza ukwahlulela , ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.

Uyakuthi kubo: Yilesi sizwe esingalilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu waso, singamukelanga ukulaywa ; iqiniso libhubhile , linqunyiwe emlonyeni waso.

Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga , abaqinelanga iqiniso ezweni ; kepha basuka kokubi, baya kokubi; mina-ke abangazi, usho uJehova.

Yilowo nalowo uyakh ohlisa umakhelwane wakhe , abakhulumi iqiniso ; bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga , bazikhathaza ngokwenza okubi.

ehamba ngezimiso zami, egcina izahlulelo zami ukuba enze iqiniso, ulungile, uyakuphila nokuphila, isho iNkosi uJehova.

Ngasondela komunye wababemi khona , ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba.

Ngase ngifuna ukwazi iqiniso ngesilo sesi ne esahlukile kuzo zonke zazo , esesabekayo kakhulu, esimazinyo aso ayeyinsimbi, nezinzipho zaso ziyithusi, esasidla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo;

Kwabekwa impi yokulwa kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke ngesiphambeko: lwaphonsa phansi iqiniso, lwenza njengentando yalo, lwaba nempumelelo.

Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele , nokho asincenga nga ebusweni bukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.

Kalokhu ngiyakukutshela iqiniso. Bheka, kusezakuvela amakhosi amathathu ePheresiya; eyesine iyakunotha kunawo onke ; isiqinile ngengcebo yayo iyakuvusa bonke ukulwa nombuso waseJavani.

Yilezi zinto eniyakuzenza : khulumani iqiniso , kube yilowo nalowo nomfowabo, nahlulele izahlulelo zeqiniso nezokuthula emasangweni enu,

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Ukuzila kwenyanga yesine, nokuzila kweyesihlanu, nokuzila kweyesikhombisa , nokuzila kweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle kuyo indlu yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.

Khona owesifazane esaba ethuthumela , azi okwenzekile kuye , weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke.

Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni , ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu. Ubufakazi bokugcina bukaJohane

Nina nithumele kuJohane, walifakazela iqiniso.

niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.

Kodwa kalokhu nifuna ukungibulala mina muntu onitshele iqiniso , engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama kakwenzanga lokho.

Nina ningabakayihlo uSathane , nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo . Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni , akemi eqinisweni , ngokuba iqiniso lingekho kuye . Nxa ekhuluma amanga , ukhuluma okungokwakhe , lokhu engumqambimanga noyise wawo.

Kepha mina, ngokuba ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi.

Ngumuphi kini ongangilahla ngesono na ? Uma ngikhuluma iqiniso , anikholwa yimi ngani na?

Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki , uMduduzi kayikuza kini ; kepha uma ngimuka , ngiyakumthumela kini.

Kepha nxa esefikile yena , uMoya weqiniso , uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe , kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.

Wayesethi uPilatu kuye : Kanti nokho uyinkosi na ? UJesu waphendula wathi: Usho khona . Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho , ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.

Wathi uPilatu kuye : Iqiniso liyini na ? Eseshilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: Angifumani cala kuye.

Obonileyo ufakazile , ubufakazi bakhe buqinisile ; yena-ke uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nikholwe nani.

Kepha abanye esixukwini bam emeza okunye, abanye okunye; yathi ukuba ingenakulazi iqiniso ngenxa yomsindo, yayala ukuba ayiswe ekamu.

Kwathi ngangomuso ifuna ukwazi iqiniso lalokho amangalelwe ngakho ngabaJuda, yamkhulula, yayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke ubuthane, yamehlisa uPawulu phambi kwabo.

Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi,

baguqule iqiniso likaNkulunkulu , balenza amanga ; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen.

kepha labo ab anombango bengalaleli iqiniso , belalela ukungalungi, bothola ulaka nentukuthelo.

Kepha uma iqiniso likaNkulunkulu lavama ngamanga ami, kube yinkazimulo yakhe, ngisahlulelelwani futhi mina njengesoni na?

Ngikhuluma iqiniso ngikuKristu , angiqambi amanga , unembeza wami ufakazelana nami eMoyeni oNgcwele

aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso;

kodwa sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo , asihambi ngobuqili , asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kepha ngokuveza obala iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.

Njengalokhu iqiniso likaKristu likim i, angiyikwaphucwa lolo dumo ezigodini zase-Akhaya.

Ngokuba noma bengingathanda ukuzibonga , bengingezukuba yisiwula ; ngokuba bengizakube ngikhuluma iqiniso , kepha ngiyayeka , funa umuntu acabange ngami okungaphezu kwalokho angibona ngiyikho nakuzwayo kimi.

Ngokuba asinamandla okwenza utho , uma simelana neqiniso , kuphela uma simela iqiniso.

esingabahlehlelanga nasikhashana ngokubathobela , ukuze iqiniso levangeli lime njalo kinina.

Konje sengaba yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na?

Benigijima kahle; pho, nithiywe ngubani ukuba ningalaleli iqiniso na?

kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando , sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu,

uma-ke nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu,

Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.

nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo , ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.

Kuyo iNkosi yaphakade en gabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. UPawulu uyala uThimothewu ukuba alwele iqiniso levangeli

othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.

engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli -- ngikhuluma iqiniso , angiqambi amanga -- yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.

benqabela ukuganana , bethi akuzilwe ukudla akudalayo uNkulunkulu ukuba kwamukelwe ngokubonga yibo abakholwayo nabalaziyo iqiniso.

nokuxabana kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso, bethi ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo.

ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo , kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso,

befunda njalo, kepha bengeke bakwazi ukufika ekulazini iqiniso.

UPawulu, inceku kaNkulunkulu nomphostoli kaJesu Kristu ngokokukholwa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu nangokokwazi iqiniso elingokokukhonza uNkulunkulu,

benganaki izinganekwane zabaJuda nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso.

Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu , ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso.

Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso , nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,

Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso;

Lowo othi: Ngiyamazi, engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye;

Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso , kodwa ngokuba niyalazi nangokuba akukho manga avela eqinisweni.

Ilunga kuyo inkosikazi ekhethiweyo nabantwana bayo , engibathanda ngeqiniso, kungeyimi ngedwa kodwa nabo bonke abalaziyo iqiniso,

Ngokuba ngathokoza lapha kufika abazalwane befakazela iqiniso lakho , njengokuba uhamba eqinisweni. Ukungenisa abazalwane

UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayilo iqiniso uqobo lwalo ; nathi-ke siyafakaza ngaye, wazi nawe ukuthi ukufakaza kwethu kuqinisile. Isigcino

Ubusuku abusayikuba khona ; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela ; bayakubusa phakade naphakade. Iqiniso lombono