Skip to Content

"isambatho"

14 occurrences in ZUL

Umpristi uyakwembatha isambatho selineni , afake nebhulukwe lakhe lelineni emzimbeni wakhe , asuse umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-altare, awuthele ngaseceleni kwe-altare.

UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla , wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo , wathatha isambatho sabo , wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.

Ngakho-ke geza, ugcobe, ugqoke isambatho sakho, wehlele esibuyeni, kepha ungazazisi kulowo muntu, aze aqede ukudla nokuphuza.

Besesetsheni elikhulu eliseGibeyoni , u-Amasa wafika ukubahlangabeza . UJowabe wayebhince isambatho sakhe sokulwa ayelokhu esigqoka; kusona lalikhona ibhande elinenkemba emgodleni wayo elaligaxwe okhalweni lwakhe; yawa esehamba.

Ngikhumulile isambatho sami , ngingasifaka kanjani ? Ngigezile izinyawo zami, ngingazingcoliselani na?

makalethelwe isambatho sobukhosi ekade isembethe inkosi , kanye nehhashi inkosi ekade ikhwela kulo nelifakwe enhloko yalo umqhele wobukhosi;

isambatho nehhashi makunikez we esandleni sesinye sezikhulu ezidumileyo ukuba zimembathise lowo muntu inkosi ethanda ukumdumisa , zimkhwelise ehhashini esigcawini somuzi , zimemeze phambi kwakhe ngokuthi : Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.

UHamani wathatha -ke isambatho nehhashi , wamembathisa uMoridekayi , wamkhwelisa esigcawin i somuzi , wamemeza phambi kwakhe ngokuthi : Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.

Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe , enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.

uma ngibone obhubhile ngokuswela isambatho , kungekho okokuzimboza kompofu;

Ngubani ongakhumula isambatho sakhe esingaphandle; ngubani ongangena phakathi kwemihlathi yakhe emibili na?

Isaka ngalenza isambatho sami; ngaba yisaga kubo.

Wawusuhlotshisiwe ngegolide nangesiliva , isambatho sakho sasiyileneni elicolekileyo, nosilika, nemifekethiso; wadla impuphu ecolekileyo, nezinyosi, namafutha; wawumuhle kakhulu impela , wahlahlamela, waze wathola ubukhosikazi.

Kuyakuthi ngosuku lomhlatshelo kaJehova , ngihambele izikhulu , namadodana enkosi, nabo bonke abembethe isambatho sabezizwe.