AmaKaledi aphendula phambi kwe nkosi, athi: Akukho muntu emhlabeni ongabonisa indaba yenkosi, ngokuba akukho nkosi, nanduna, nambusi owake wabuza indaba enjalo nakwesisodwa isanusi, nothwebulayo, naKaledi.
Kodwa u -Eluma, isanusi, ngokuba linjalo igama lakhe ngokuhunyushwa , wamelana nabo, wafuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.