Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.
Etendeni lakhe bayakuhlala abangesibo abakhe , kuvumvuzelwe isibabule ekhaya lakhe.
Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phamb i kwaso , abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso ; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.