Skip to Content

"isibani"

19 occurrences in ZUL

isibani sikaNkulunkulu sasingakacimi , uSamuweli elele ethempelini likaJehova, lapho kwakukhona umphongolo kaNkulunkulu,

Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza , wamshaya umFi listi wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide , bathi: Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.

Nokho ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe emva kwakhe nokumisa iJerusalema,

Kepha uJehova akathandanga ukuchitha uJuda ngenxa kaDavide inceku yakhe njengokusho kwakhe kuye ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.

Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.

Kukangaki isibani sababi sicimeka , nengozi ibehlela , babelwe izabelo ngentukuthelo, na?

lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami , ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,

Ngokuba wena uyokhela isibani sami ; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.

Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo ; isibani sakhe asicimeki nasebusuku.

Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide , ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.

Oqalekisa uyise nonina, isibani sakhe siyakucimeka esigayegayeni.

Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo, isibani sababi, kuyisono.

Nomuntu kasokheli isibani , asibeke phansi kwesitsha , kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini.

Isibani somzimba yiso . Ngakho uma iso lakho lilihle , uzakukhanya umzimba wakho wonke.

Wayesethi kubo : Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini, singabekwa othini, na?

Akakho othi esokhela isibani , asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya.

Akakho othi esokhela isibani, asibeke esitha nangaphansi kwesitsha, kepha usifaka othini ukuba abangenayo babone ukukhanya.

Isibani somzimba siyiso lakho ; nxa iso lakho liphilile , umzimba wakho wonke ungukukhanya; kepha nxa lilibi, umzimba wakho ungubumnyama.

Noma ngumuphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi , uma elahlekelwe luhlamvu lwaba lunye , angokheli isibani , ashanele indlu , afunisise, aze aluthole?