Skip to Content

"isibonakaliso"

26 occurrences in ZUL

AbaFarisi nabaSadusi beza bemlinga bacela kuye ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini.

Uma kuvuka phakathi kwakho umprofethi , noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso nesimangaliso,

isibonakaliso noma isimangaliso akhulume ngaso kuwe besesenzeka , athi: Masilandele abanye onkulunkulu ongabaziyo, sibakhonze,

zibe phezu kwakh o isibonakaliso nesimangaliso , naphezu kwenzalo yakho kuze kube phakade.

Wathi kuye : Uma ngifumene umusa emehlweni akho , unginike isibonakaliso ukuthi nguwe okhuluma nami.

Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: Siyakuba yini isibonakaliso sokuthi uJehova uyangiphilisa nokuthi ngiyakwenyukela endlini kaJehova ngosuku lwesithathu na?

Zicelele isibonakaliso kuJehova uNkulunkulu wakho , kujule endaweni yabafileyo, noma kuphakame phezulu.

Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso : bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze waba sengozini yokufa ; wakhuleka kuJehova; yena wakhuluma kuye, wamnika isibonakaliso.

Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo , ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo , nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami , zingabonanga inkazimulo yami, baze balande ngenkazimulo yami ezizweni.

Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.

Kepha waphendula , wathi kubo : Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa sibonakaliso , kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.

Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso , kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi . Wabashiya, wamuka.

Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu , bese zikhala izizwe zonke zomhlaba , zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.

Khona kwafika abaFarisi , baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.

Wabubula emoyeni wakhe, wathi: Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.

Abanye bemlinga bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini.

Sekubuthana kuye izixuku , waqala ukukhuluma , wathi: Lesi sizukulwane siyisizukulwane esibi; sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona.

Kwathi uHerode embona uJesu , wathokoza kakhulu , ngokuba kwase kukade efuna ukumbona , lokhu ebezwile ngaye ; wayethemba ukuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguye.

Ngakho-ke abaJuda baphendula, bathi kuye: Usitshengisa isibonakaliso sini ukuba wenze lokhu na?

Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu asenzayo , bathi: Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.

bathi: Sizakubenzani laba bantu na ? Ngokuba kusobala kubo bonke abakhileyo eJerusalema ukuthi isibonakaliso esiqhamileyo senziwe yibo , asinakukuphika.

Wasamukela isibonakaliso sokusoka , sibe luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki , ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubona,

Kwaba khona ezulwini isibonakaliso esikhulu: owesifazane embethe ilanga , nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe , nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili,

Kwabonakala esinye isibonakaliso ezulwini; bheka, nango udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi , nasemakhanda akhe enemiqhele eyisikhombisa;

Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini esikhulu nesimangalisayo : izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba kwapheleliswa ngazo ulaka lukaNkulunkulu.