Skip to Content

"isichotho"

14 occurrences in ZUL

UJehova wayenz a lukhuni inhliziyo kaFaro , kabalalelanga, njengalokho uJehova eshilo kuMose. Inhlupheko yesikhombisa: isichotho

Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiya kuwisa isichotho esinzima kakhulu , esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje.

Wayesethi uJehova kuMose: Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kuwe isichotho ezweni lonke laseGibithe , phezu kwabantu, naphezu kwazinkomo naphezu kwayo yonke imifino ezweni lonke laseGibithe.

UMose wayeselula induku yakhe ngasezulwini ; uJehova wathuma ukuduma nesichotho; nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wawisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe.

Kwase kuwa isichotho nomlilo owanyazima njalo phakathi kwesichotho ; kwakunzima kakhulu , okwakungazange kube khona ezweni laseGibithe okungangako, selokhu laba yisizwe.

Isichotho sashaya konke okwakusendle, abantu nezinkomo , ezweni lonke laseGibithe; isichotho sashaya yonke imifino yasendle , saphula yonke imithi yasendle.

Ekukhazimuleni okuphambi kwakh e amafu akhe abanga phambili , isichotho namalahle avuthayo.

UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe : isichotho namalahle avuthayo.

Wabanika isichotho saba yimvula yabo, amalangabi omlilo ezweni labo.

Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu ; ngubani ongema ph ambi kwamakhaza akhe na?

Ngiyakwenza ukwahlulela kube ngumucu wokulinganisa , nokulunga kube ngumthofu wokumisa , isichotho sihlwithe isiphephelo samanga , amanzi akhukhule indawo yokucasha.

Liyakuwisa isichotho , lize liwe ihlathi , nomuzi uyakuthotshiswa nokuthotshiswa.

Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni ; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka , nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka.

Isichotho esikhulu esisinda njengetalenta sivela ezulwini sehlela phezu kwabantu; abantu bamhlambalaza uNkulunkulu ngenxa yohlupho lwesichotho, ngokuba uhlupho lwaso lulukhulu kakhulu.