Sathi-ke: Kuyakuthi lapho besho kanjalo kithi nakuzo izizukulwane zethu ngesikhathi esizayo , sisho ukuthi : Bhekani isifanekiso se -altare likaJehova abalenzayo obaba , lingabi ngeleminikelo yokushiswa nelemihlatshelo ; lingufakazi phakathi kwethu nani.
UDavide wamnika uSolomoni indodana yakhe isifanekiso sompheme nesezindlu zethempeli , nesengcebo yalo , nesamakamelo alo aphezulu , nesamakamelo alo angaphakathi, nesendlu yesihlalo somusa;