Kwabonakala kuye ingelosi kaJehova elangabini lomlilo livela phakathi kwesihlahla; wabuka, bheka, isihlahla savutha umlilo , kepha isihlahla asiphelanga nokho.
Wayesethi uMose: Mangiphambuke, ngiye ngibone lesi sibonakaliso esikhulu ukuba isihlahla asishi ngani.
Yonke imithi yayisithi kuso isihlahla somkhaya : Woza wena, ube yinkosi yethu.
Isihlahla somkhaya sathi kuyo imithi : U ma ningigcoba impela ngibe yinkosi yenu , wozani niphephele emthunzini wami ; uma kungenjalo , makuphume umlilo kuso isihlahla somkhaya, uqede imisedari yaseLebanoni.
UJehowashi inkosi yakwa -Israyeli wathumel a ku -Amasiya inkosi yakwaJuda, wathi: Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari waseLebanoni, sathi: Nika indodana yami indodakazi yakho ibe ngumkayo . Kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya.
UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wathumela ku-Amasiya inkosi yakwaJuda, wathi: Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari waseLebanoni, sathi: Nika indodana yami indodakazi yakho ibe ngu mkayo. Kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya.