Maye kinina zazimthetho, ngokuba nisisusile isihluthulelo sokwazi ! Nina uqobo lwenu aningenanga, nabangenayo nabavimbela.
Ingelosi yesihlanu yayisibetha ; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini , iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.
Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo.