Skip to Content

"isikhashana"

20 occurrences in ZUL

Kepha manje senzelwe isikhashana umusa ovela kuJehova uNkulunkulu wethu ukusishiyela insali yabasindileyo nokusinika isikhonkwane endaweni yakhe engcwele ukuba uNkulunkulu wethu akhanyi se amehlo ethu , asinike ikhefu elincane ebugqileni bethu.

Ngentukuthelo echichimay o ngabusitheza ubuso bami kuwe isikhashana , kepha ngomusa ongapheliyo ngiyakukuhawukela , usho uJehova uMhlengi wakho.

Abantu bakho abangcwel e balidla ifa isikhashana nje ; izitha zeth u zinyathele phansi indlu yakho engcwele.

Thana ngabo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo.

Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana , imicabango yakhe ya mesabisa. Inkosi yathatha yathi : Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi . UBeliteshasari waphendula wathi : Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.

kepha kanampande phakathi kwakhe , kodwa uhlala isikhashana nje , kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane.

kepha kabanampande phakathi kwabo , kodwa bahlala isikhashana nje , kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi , bakhubeke masinyane.

Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo ; nina-ke benithanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.

Bantwanyana, ngise khona nani isikhashana . Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khon a ningeze nina , ngisho nakinina manje.

Kwase kusukuma omunye emphakathini , umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, isazimthetho esitusekayo esizweni sonke , wayala ukuba abantu bakhishwe isikhashana;

Kepha thina, bazalwane, lokhu besahlukanisiwe nani isikhashana ngobuso kungenganhliziyo, kwaba yikhona sikhuthalela kakhulu ukubona ubuso benu ngokunxanela okukhulu.

Ngokuba mhlawumbe kungenxa yalokho ukuba ahlukaniswe nawe isikhashana, ukuze abe ngowakho kuze kube phakade,

Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi ; wambeka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.

kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi , uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.

kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni,

anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na ? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.

Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana , yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.

Base benikwa , kwaba yilowo nalowo ingubo ende emhlophe , kwashiwo kubo ukuba baphumule isikhashana, baze baphelele abayizinceku kanye nabo nabazalwane babo ababezakubulawa njengabo.

ayisihlanu asewile , enye ikhona , enye ayikafiki ; nanxa isifikile , kumelwe ukuba ihlale isikhashana.

yamphonsa-ke kw alasha, yamvalela phakathi , yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe , ukuze angabe esadukisa izizwe , ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana. Ukuvuka kokuqala. Umbuso weminyaka eyinkulungwane