"isikhonyane"
11 occurrences in ZUL
Ngokuba uma wenqaba ukuba abantu bami bahambe , bheka, ngomuso ngizakuletha isikhonyane ezweni lakho.
UJehova wayesethi kuMose : Yelula isandla sakho phezu kwezwe laseGibithe, kufike isikhonyane ukuba senyukele ezweni laseGibithe, sidle imifino yonke, konke okwashiywa yisichotho.
UMose wayeselula induku yakhe phezu kwezwe laseGibithe ; uJehova waletha umoya wasempumalanga ezweni ngalo lonke lolo suku nobusuku bonke; sekusile umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.
Isikhonyane senyukela ezweni lonke laseGibithe , sahlala ezweni lonke laseGibithe, sasinzima kakhulu ; ngaphambi kwaso kwakun gazange kube khona isikhonyane esingangaso , nangasemva kwaso asisayikuba khona esingangaso.
UJehova wayesewuphendula umoya waba ngowasentshonalanga onamandla amakhulu ; wona wasusa isikhonyane , wasilahla eLwandle Olubomvu; akwasala sikhonyane nesisodwa ezweni lonke laseGibithe.
kuzo ningadla lezi : isikhonyane ngezinhlobo zaso, namaboni ngezinhlobo zawo, namadiye ngezinhlobo zawo, nezintethe ngezinhlobo zazo.
Uma ngivala izulu ukuba kungabikho mvula , noma ngiyaleza isikhonyane ukuba sidle izwe, noma ngithuma isifo phakathi kwabantu bami,