Skip to Content

"isililo"

14 occurrences in ZUL

Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani ; lapho bakhala nokukhala impela , okunzima kakhulu ; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa.

Abakhileyo ezweni , amaKhanani, sebebone isililo eGoreni Ha thadi bathi : Lokhu kuyisililo esinzima sabaseGibithe . Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi i-Abela Misirayimi elingaphesheya kweJordani.

UDavide wathi kuye: Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho , ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe , lapho uthi : Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova. Isililo sikaDavide ngoSawule noJonathani

Ukunqoba ngalolo suku kwaphenduka isililo kubantu bonke , ngokuba abantu bezwa kwathiwa ngalolo suku: Inkosi idabukile ngendodana yayo.

Ihabhu lami seliphenduke isililo, nomtshingo wami uyizwi labakhalayo.

Ndodakazi yabantu bami , bhinca indwangu yamasaka , uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa , ukukhala okumunyu , ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.

Gunda izinwele zakho , Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile , wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.

basheshe basikhihlele isililo , ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi , nezinkophe zethu ziphophoze amanzi.

Phezu kwazo zonke izin dlu zakwaMowab i nasezitaladini zakhe kukhona isililo kuphela, ngokuba ngimaphulile uMowab i njengesitsha okungathokozi muntu ngaso, usho uJehova.

Phakamisa wena isililo ngezikhulu zakwa-Israyeli, uthi:

Bubula, uthule; ungenzi isililo sabafileyo, uzibophele isigqoko sakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho , ungambozi amadevu akho , ungadli isinkwa sabantu.

Ngenxa yalokho ngiyakukhala , ngihhewule, ngihambe ngihlutshuliwe , ngihamba ze; ngenze isililo njengamakhanka, ngikhale njengezintshe.

Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani , bakhale isililo , bathi: Sichithiwe nokuchithwa ; isabelo sabantu bami sinikwa omunye ; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.

Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu.