"isiliva"
65 occurrences in ZUL
U-Abrahama wamuzwa u -Efroni; u-Abrahama wamlinganisela u -Efroni isiliva abelishilo ezindle beni zabantwana bakwaHeti , amashekeli angamakhulu amane esiliva, avunywa ngabathengisi.
Bheka, imali esayifumana emilonyeni yamasaka ethu sayibuyisa ezweni laseKhanani, sayiletha kuwe; pho, besingeba kanjani endlini yenkosi yakho isiliva noma igolide na?
Isiliva lababebalwa esizweni lalingamatalenta ayikhulu namashekeli ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele,
Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide , akukho ukuphela kwengc ebo yabo ; izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi, nokuphela kwezinqola akukho.
yilolo nalolo qwembe lwesiliva lungamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, yilolo nalolo khamba lungamashumi ayisikhombisa , lonke isiliva lezitsha libe yizinkulungwane ezimbili namakhulu amane ngokweshekeli lendlu engcwele,
UBileyamu waphendula wathi kuzo izinceku zikaBalaki : Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova uNkulunkulu wami ukwenza okuncane nokukhulu.
Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide , anginakulidlula izwi likaJ ehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma, na?
Izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo niyakuzishisa ngomlilo ; awuyikufisa isiliva noma igolide elikuzo , ungazithatheli lona, funa ucushwe ngalo, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho;
Kepha lonke isiliva , negolide, nezitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuJehova; kuyakungena endlini yengcebo kaJehova.
Bawushisa umuzi ngomlilo , nakho konke okukuwo ; isiliva kuphela , negolide, nezitsha zethusi nezensimbi bakufaka e ndlini yengcebo endlini kaJehova.
UJoshuwa wayesethuma izithunywa , zagijimela etendeni ; bheka kwakuthukusiwe etendeni lakhe, isiliva liphansi.
Kepha walibuyisela isiliva kunina , unina wathatha izinhlamvu ezingamakhulu amabili zesiliva , wazinika umkhandi wesiliva owenza ngazo isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo; zase zihlala endlini kaMika.
Sekuphelile wonke umsebenzi inkosi uSolomoni eyawenzayo endlini kaJehova, uSolomoni wangenisa izinto uyise uDavide ay ezingcwelisile, isiliva, negolide, nezitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaJehova.
Inkosi yenza isiliva livame eJerusalema njengamatshe , nemisedari yayenza ibe njengemithombe esigodini ngobuningi.
Wangenisa endlini kaJehova izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.
U-Asa wayesethatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi , wakunikela ezandleni zezinceku zakhe ; inkosi u -Asa yazithuma kuBeni Hadadi indodana kaTabirimoni kaHeziyoni , inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, yathi:
wathi kuye : Usho kanje uBeni Hada di, uthi: Isiliva lakho negolide lakho lingelami, nawomkakho nabantwana bakho abahle bangabami.
Kepha izithunywa zabuya , zathi: Usho kanj e uBeni Hadadi , uthi: Ngathumela kuwe , ngathi: Uyakunikela kimi isiliva lakho negolide lakho , nawomkakho, nabantwana bakho,
U-Ahabi wakhuluma kuNaboti , wathi: Ngiphe isivini sakho ukuba sibe yisivande sami semifino , ngokuba siseduze nendlu yami , ngikunike isivini esihle kunaso esikhundleni saso ; kepha uma kukuhle emehlweni akho , ngiyakukunika isiliva libe yintengo yaso.
Labo abanochoko sebefike emaphethe lweni ekamu , bangena kwelinye itende, badla, baphuza, basusa khona isiliva , negolide, nezingubo, baya bakuthukusa; babuya, bangena kwelinye itende , basusa nakhona , baya bakuthukusa.
UJehowashi wathi kubapristi : Lonke isiliva lezinto ezingcwele elingeniswa endlini kaJehova , imali eyamukelekayo , imali yilowo nalowo muntu alinganiselwe yona , nemali yonke okuvela enhliziyweni yomuntu ukuba ayilethe endlini kaJehova,
U-Ahazi wathatha isiliva negolide elafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, walithuma enkosini yase-Asiriya laba yisipho.
UHezekiya wabalalela , wababonisa yonke indlu yengcebo yakhe , isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nendlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe ; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke angababonisanga yona.
UJehoyakimi wamnika uFaro isiliva negolide, kepha wathelisa izwe ukuba anike imali njengezwi likaFaro . Wakhiphisa abantu bezwe isiliva negolide , kwaba yilowo nalowo njengentela yakhe ukunika uFaro Nekho.
igolide lokwegolide, isiliva lokwesiliva , yebo, kuwo wonke umsebenzi wezandla zezingcweti. Ngubani, pho, othokozela namuhla ukuzahlukanisela uJehova na?
Inkosi yenza isiliva negolide kuvame eJerusalema njengamatshe , nemisedari yayenza ibe njengemithombe esigodini ngobuningi.
Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide , nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekil eyo, isiliva lingento yalutho emihleni kaSolomoni.
Inkosi yenza isiliva livame eJerusalema njengamatshe, nemisedari yayenza ibe njengemithombe ehlanzeni ngobuningi.
Wangenisa endlini kaNkulunkulu izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.
U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaJeho va nasendlini yenkosi, wathumela kuBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu owahlala eDamaseku, wathi:
Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe , njengalokho sasikhona phakathi kukababa noyihlo ; bheka, ngithuma kuwe isiliva negolide ; hamba waphule isivumelwano sakh o noBahasha inkosi yakwa -Israyeli ukuba asuke kimi.
Bona bazibekela amakhosi engavelanga kimi ; bamisa izikhulu , ngingazi; isiliva labo nego lide labo bakwenza kwaba yizithombe zabo , ukuze banqunywe.
nokuyisa isiliva negolide inkosi nabeluleki bayo abalinikele ngesihle kuNkulunkulu ka-Israyeli ondlu yakhe iseJerusalema,
kanye nalo lonke isiliva negolide oyakukufumana ezweni lonke laseBabele , neminikelo yesihle yabantu neyabapristi , benikelela ngesihle indlu kaNkulunkulu wabo eseJerusalema.
ngabalinganisela isiliva negolide nezitsha , umnikelo wendlu kaNkulunkulu wethu, okwakunikelwe ngawo yinkosi nabeluleki bayo, nezikhulu zayo, naye wonke u-Israyeli owayelapho;
Ngathi kubo : Ningcwele kuJehova , nezitsha zingcwele ; isiliva negolide kungumnikelo wesihle kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo.
Base bamukela abapristi namaLevi okulinganisiweyo , isiliva negolide nezitsha, ukuba bakuyise eJerusalema endlini kaNkulunkulu wethu.
Ngosuku lwesine kwalinganiswa isiliva negolide nezitsha endlini kaNkulunkulu wethu , kwanikezwa esandleni sikaMeremoti , indodana ka - Uriya, umpristi; u-Eleyazare indodana kaFinehasi wayenaye ; uJozabadi indodana kaJeshuwa noNohadiya, indodana kaBinuwi, amaLevi, babe nabo,
Inkosi yathi kuHamani: Isiliva liyanikwa wena, nesizwe futhi, ukuba wenze kuso okuhle emehlweni akho.
Ngazibuthela futhi isiliva negolide , nemfuyo yamakhosi , nezifunda; ngathola abahlabeleli , abesilisa nabesifazane , nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi.
Lapho wamukele isiliva negolide , yenza umqhele , uwubeke ekhanda likaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu,
UHezekiya wathokoza ngabo , wababonisa indlu yen gcebo yakhe , isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle , nayo yonke indlu yezikhali zakhe , nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe ; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke uHezekiya angababonisanga yona.
Abathulula igolide esikhwameni yini , balinganise isiliva esilinganisweni , baqashe umkhandi wes iliva ukuba enze unkulunkulu , bese bekhothama , bakhuleke, na?
Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide , nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva; esikhundleni somuthi ithusi , nasesikhundleni samatshe insimbi, ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho , nokulunga kube ngababusi bakho.
Bayakuphonsa isiliva labo ezitaladini , igolide labo libe yinto engcolileyo , isiliva labo negolide labo kungabi namandla okubophula ngosuk u lwentukuthelo kaJehova; abayikusuthisa imiphefumulo yabo , bangagcwalisi izibilini zabo, ngokuba kade kuyisikhubekiso sobubi babo.
ITire lazakhela inqaba , lanqwabela isiliva njengothuli , negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.
ISheba, neDedani, nabathengi baseTharishishi kanye nazo z onke izingonyama zakho kuyakusho kuwe, kuthi: Ufikele ukuphanga na? Ubuthile iviyo lakho ukuba wamuke impahla , ususe isiliva negolide , uthathe imfuyo nempahla, uphange impango enkulu, na?
Kepha akazanga ukuthi yimin a engamnika amabele , newayini elisha , namafutha, ngamandisela isiliva negolide abenza ngakho uBali.
njengalokho nithathile isiliva lami negolide lami , nangenisa izinto zami ezinhle emathempelini enu,
Phangani isiliva ! Phangani igolide ! Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyo nokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.
Hhewulani nina enakhe esiGqulweni, ngokuba bonke abantu abathengisayo bachithekile, bonke abathweswe isiliva banqunyiwe.
Siyakuhlala sicwengisisa sihlanza isiliva , sihlambulule amadodana kaLevi , siwahluze njengegolide nesiliva , aze anikele ngeminikelo kuJehova ngokulunga.
Kodwa uPetru wathi : Isiliva negolide anginalo ; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.
Kepha uPetru wathi kuye : Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe , ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.