Skip to Content

"isinengiso"

12 occurrences in ZUL

Uma indoda ilala nowesilisa njenganowesifazane , bobabili benzile isinengiso; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.

awuyikungenisa isinengiso endlini yakho , ube yinto eqalekisiweyo njengaso; uyakusenyanya nokusenyanya , unengwe nokunengwa yiso , ngokuba kuyinto eqalekisiweyo.

wobuza, uphenye, ubuzisise; bheka, uma kuyiqiniso , leyo nto iqinisekile ukuthi isinengiso esinjalo senziwe phakathi kwakho,

besewubikelwa khona, ukuzwe, wokubuzisisa; bheka, uma kuqinisile , leyo nto iqinisekile yokuthi isinengiso esinjalo senziwe kwa-Israyeli,

Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo , isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese. Bonke abantu bayakuphendula bathi: Amen.

USolomoni walandela u -Ashitaroti unk ulunkulukazi wamaSidoni noMilkomu isinengiso sabakwa-Amoni.

USolomoni wakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni engaphambi kweJer usalema, noMoloki isinengiso sabantwana bakwa-Amoni.

Wenza isinengiso esikhulu ngokulandela izithombe njengakho konke ukwenza kwama -Amori axoshwa nguJehova ngaphambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

Izindawo eziphakem eyo ezaziphambi kweJerusalema , ngakwesokunene kweNtaba Yokonakala , uSolomoni inkosi yakwa -Israyeli ayezakhele u - Ashitaroti isinengiso samaSidoni , noKemoshi isinengiso sakwaMowabi , noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni, inkosi yazingcolisa.

Omunye wenzile isinengiso nomkamakhelwane wakhe; omunye ungcolisile ngobufebe umalokazana wakhe ; omunye wonile phakathi kwakho udadewabo, indodakazi kayise.

Izimpi ziyakuvela nayo, zingcolise indlu engcwele, inqaba, zisuse umnikelo oshiswa imihla yonke, zimise isinengiso esichithayo.

UJuda ukhohlisile , isinengiso senziwe kw a-Israyeli naseJerusalema , ngokuba uJuda uyingcolisile indlu engcwele kaJehova ayithandayo , waganwa yindodakazi kankulunkulu wabezizwe.