"isiphambeko"
23 occurrences in ZUL
UJakobe wathukuthela , wamsola uLabani ; uJakobe waphendula , wathi kuLabani: Yisiphi isiphambeko sami na ? Yisiphi isono sami , lokhu ungizingele kangaka, na?
Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo , ngokuba bakwenzela okubi . Manje siyakucela ukuthi : Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo . UJosefa wakhala, besakhuluma kuye.
Uma umuntu esenza isiphambeko , one kungengamabomu ezintweni ezingcwele zikaJehova, woletha kuJehova umnikelo wakhe wecala , inqama yasemhlambini eng enasici njengokulinganisa kwakho namashekeli esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala,
Uma umuntu ona , enze isiphambeko kuJehova , akhohlise umakhelwane wakhe ngento ebekiweyo , noma isibambiso noma into ephangiweyo , noma ecindezela umakhelwane wakhe,
Isho kanje yonke inhlangano kaJehova , ithi: Isiphambeko sini enisenzile kuNkulunkulu ka -Israyeli ukuba nibuye namuhla ekumlande leni uJehova ngokuzakhela i-altare, nihlubuke namuhla uJehova.
U-Akani indodana kaZera akenzanga yini isiphambeko kukho okuqalekisiweyo, yonke inhlangano yakwa -Israyeli yehlelwa yintukuthelo na? Futhi akafanga yedwa lowo muntu ebubini bakhe.
bamelana no -Uziya inkosi , bathi kuye : Akusikho okwakho , Uziya, ukushisela uJehova impepho , kungokwabapristi, amadodana ka -Aroni, abangcweliselwe uku shisa impepho ; phuma endlini engcwele , ngokuba wenze isiphambeko ; futhi awuyikuba nodumo oluvela kuJehova uNkulunkulu.
Awuthetheleli ngani isiphambeko sami , ususe isono sami , na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini; uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.
Ngasivuma isono sami kuwe , angisifihlanga isiphambeko sami ; ngathi: Ngizakuzivuma izono zami kuJehova, wena wathethelela icala lesono sami . Sela
Umhlaba uyatengezela nokutengezela njengesidakwa , uyantengantenga njengexhiba; isiphambeko siyakuba nzima phezu kwawo , uwe, ungabe usavuka futhi.
Ngalokho, ndodana yomuntu , khuluma kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova , uthi: Kulokho oyihlo bangihlambalazile ngokwenza isiphambeko kimi.
Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe nangezono zendlu yakwa- Israyeli. Siyini isiphambeko sikaJakobe ? Asiyilo iSamariya na ? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na?
Ngubani onguNkulunkulu onjengaw e othethelela insali yefa lakho ubu bi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo , na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.