Skip to Content

"isipho"

48 occurrences in ZUL

Wayesethi uLeya: UNkulunkulu ungiphe isipho esihle ; manje umyeni wami useyakuhlala kimi , ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha , waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.

Walala khona lobo busuku; kulokho okwakusesandleni sakhe wathathela u- Esawu umfowabo isipho:

Sase sihamba isipho phambi kwakhe , kepha yena wahlala ekamu lobo busuku. UJakobe ubambana noNkulunkulu

UJakobe wathi : Hhayi bo ; uma ngifumene umusa emehlweni akho , samukele isipho sami esandleni sami , ngokuba ngibone ubuso bakho esengathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.

Uyise u -Israyeli waye sethi kubo : Uma kunjalo, yenzani lokhu ; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowo muntu isipho, ibhalisamu eliyingcosana , nezinyosi eziyingcosana , namakha, nemure, namapisitakiyo, nama-alimondi,

Alungisela uJosefa isipho, ezofika emini, ngokuba ayezwile ukuthi ayakudla khona.

UJosefa esefike ekhaya , ayisa kuye endlini isipho e sasisesandleni sawo , akhothamela phansi kuye.

Awuyikwamukela isipho , ngokuba isipho siphuphuthekisa ababonayo , siphendukezele amazwi olungileyo.

Awuyikuphendukezela isahlulelo , ungakhethi ubuso bamuntu , ungafunjathiswa isipho , ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.

Wathi: Ngiphe isipho ; lokhu unginike izwe laseningizimu , ngiphe nemithombo yamanzi . Wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.

Wathi kuye : Ngiphe isipho ; lokhu unginike izwe laseningizimu ngiphe nemithombo yamanzi. UKalebi wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.

Kepha a bantwana bakwa -Israyeli bakhala kuJehova , uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera , umBenjamini, umuntu oyinxele ; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku -Egiloni inkosi yakwaMowabi.

Wamnika u -Egiloni inkosi yakwaMowabi isipho , kepha u -Egiloni wayengumuntu okhulupheleyo kakhulu.

Kwathi eseqedile ukumnika isipho, wamukisa abantu ababesithwele isipho.

Ake ungamuki lapha, ngize ngibuyele kuwe, ngilethe isipho sami, ngisibeke phambi kwakho. Wayesethi: Ngiyakuhlala uze ubuye.

Kepha abantu ababi bathi : Uyakusisindisa kanjani lowo na ? Bamdelela, abamnikanga isipho. Kepha wathula.

UDavide esefike eSikilagi wathuma enye impango kumalunga akwaJuda nakubo abangane bakhe, ethi: Bhekani, naso isipho senu sempango yezitha zikaJehova:

UDavide wayesethi ku -Uriya: Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho. U-Uriya waphuma endlini yenkosi , kwamlandela isipho sokudla esivela enkosini.

Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe , izitsha zesiliva , nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

Yayisithi inkosi kulowo muntu kaNkulunkulu : Woza siye ekhaya , uzihlumelele, ngikuphe isipho.

Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isipho sesiliva negolide ; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.

Wayesebuyela kulowo muntu kaNkulunkulu , yena nabantu bakhe bonke , weza, wema phambi kwakhe , wathi: Bheka, sengiyazi ukuthi akakho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kwa-Israyeli kuphela; ngakho ake wamukele isipho encekwini yakho.

Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe , izitsha zesiliva , nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

Ngasho yini ukuthi: Ngipheni, ninginike isipho empahleni yenu, na?

Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo : noma ebhekaphi , uyaphumelela.

Isipho somuntu siyamenzela indawo, simholele kwabakhulu.

Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka , nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.

Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawot i yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo , sivela kubantu abesa bekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo , esilizwe laso lidatshulwe yimifula , endaweni yegama likaJehova Sebawoti , intaba yaseSiyoni.

Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uma isikhulu sinika enye yamadodana aso isipho, kuyifa layo, yimfuyo yayo ngokobufa.

Kepha uma sinika enye yezinceku zaso isipho sasefeni laso , siyakuba ngesayo kuze kube semnyakeni wokukhululeka , bese sibuyela esikhulwini; kepha ifa laso liyakuba ngelamadodana aso.

Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziwey o aniyikuhlala kuzo , nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.

Ngalokho uyakupha iMoresheti Gati isipho sokuvalelisana ; izindlu zase - Akizibi ziyakuba yinkohliso kuwo amakhosi akwa-Israyeli.

Ngakho-ke nxa wabela isipho , ungakhalisi icilongo phambi kwakho , njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.

Kepha wena , nxa wabela isipho , isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene,

ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni ; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

UJesu wap hendula, wathi kuye : Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe : Ngiphuzise, nga ucele kuye , yena nga ekunikile amanzi aphilayo.

Kwathi ukuba abone oPetru noJohane bezakungena ethempelini , wacela ukwabelwa isipho.

Kepha uPetru wathi kuye : Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe , ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.

Abokusoka abakholwayo ababefikile noPetru bamangala kakhulu , ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe.

Ngakho uma uNkulunkulu ebanikile bona isipho njengathi esakholwa yiNkosi uJesu Kristu, ngingubani mina ukuba ngivimbele uNkulunkulu na?

Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe,

Kepha isipho somusa asinjengesi phambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa , ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu.

Isipho asinjengokona kwalowo emunye , ngokuba uma ukwahlulela kwaba ngoyedwa kube ngukulahlwa , isipho somusa sona -ke saba ngeziphambeko eziningi kube ngukulungisiswa.

Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

Ngalokho-ke bengithi kudingeka ukuba ngincenge abazalwane ukuba bandulele ukuza kini , balungisele ngaphambili isipho senu esathenjiswa ngaphambili, sona sihlale silungisi we, sibe njengesesibusiso , singabi njengesokuncishana.

enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi , kwenzeni lokho ; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani. UPawulu ubonga isipho abasithumele kuye eRoma

Akusikho ukuthi ngifuna isipho , kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa nina.

Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami.