"isiqu"
8 occurrences in ZUL
Izintambo zakho ziya xega, azinakusiqinisa isiqu sensika yabo , azinakumeneka useyili ; khona iyakwabelwa impango enkulu ephangiweyo ; nezinyonga ziyakuthatha impango.
Yebo, banele ukutshalwa nje, yebo, banele ukuhlwanyelwa nje, yebo, isiqu sanele ukugxila emhlabathini, abesephephetha kubo, babune, isivunguvungu sibasuse njengamabibi.
Wawunezingatsha ezinamandla ezaba yizintonga zababusayo ; isiqu sawo sasiphakeme phakathi kwamaqabunga amaningi , waze wabonakala phezulu phakathi kwamahlumela awo amaningi.
Kepha wasishulwa ngokufutheka , waphonselwa phansi , umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo ; isiqu sawo esiqinileyo saphulwa , sabuna, umlilo wasiqeda.
Ngalokho isiqu sawo sasiphakeme kunayo yonke imithi yasendle ; izingatsha zawo zandiswa , namagatsha awo elulw a ngamanzi amaningi ekuwaxhantiseni kwawo.
Nokho shiya isiqu sezimpande zawo emhlabathini , sinesibopho sensimbi nesethusi, ohlazeni lwasendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sibe nezilwane zasetshanini bomhlaba;
Njengalokho inkosi yabona umlindi ongcwele ehla ezulwini , ethi: Gawula umuthi, uwuchithe, kepha shiya isiqu sezimpande zawo emhlabathini, sinesibopho sensimbi nesethusi , ohlazeni lwasendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sibe nezilwane zasendle , kuze kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwaso,