"isisekelo"
32 occurrences in ZUL
Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba , nesokunene sami silenekile izulu; lapho ngikubizayo, kuma ndawonye.
UJoshuwa wabafungisa ngaleso sikhathi , wathi: Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko ; uyakubeka isisekelo sawo ngokulahlekelwa yizibulo lakhe, amise amasango awo ngokulahlekelwa ngomncinyane wakhe.
Inkosi yayala , baqopha amatshe amakhulu , amatshe anenani elikhulu , ukuba babeke isisekelo sendlu ngamatshe abaziweyo.
Ezinsukwini zakhe uHiyeli waseBethele wabuye wakha iJeriko ; wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abiramu izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngokulahlekelwa yithunjana lakhe uSegubi , njengezwi likaJehova owalikhuluma ngesandla sikaJoshuwa indodana kaNuni.
Yilesi isisekelo uSolomoni asibekela ukub a kwakhiwe indlu kaNkulunkulu : ubude ngezingalo zesilinganiso esidala babuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi babuyizingalo ezingamashumi amabili.
Wonke umsebenzi kaSolomoni walungiswa kwaze kwaba lusuku lokubeka isisekelo sendlu kaJehova, yaze yaphela. Yayisiphelile indlu kaJehova. Imikhumbi kaSolomoni
Ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa baqala ukunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova; kepha isisekelo sethempeli sasingakabekwa.
Lapho abakhi sebebeka isisekelo sethempeli likaJehova , bamisa abapristi begqokile benamacilongo kanye namaLevi , amadodana ka -Asafa, enamasimbali ukuba badumise uJehova njengehlelo likaDavide inkosi yakwa- Israyeli.
Baphendulana ngokumdumisa nangokumbonga uJehova , bathi: Ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade phezu kuka -Israyeli. Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu ekumdumiseni kwabo uJehova, ngokuba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe.
Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini , nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na?
Izithunywa zesizwe ziyakuphendulwa ngokuthini na ? Ukuthi nguJehova obeke isisekelo eSiyoni; abahluphekayo babantu bakhe bayakuphephela kulo.
Izandla zikaZerubabele zibe ke isisekelo sale ndlu , futhi izandla zakhe ziyakuyiqeda, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kini.
oshoyo ngoKoresi ukuthi: Ungumalusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: Liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.
Ukhohliwe uJehova uMenzi wakh o owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba; uthuthumele njalo izinsuku zonk e ngokufutheka komcindezel i njengokungathi ozilungiselela ukuchitha; kuphi ukufutheka komcindezeli na?
Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho , ngikusibekele emthunzini wesandla sami , ukuze ngiwatshale amazulu , ngisibeke isisekelo somhlaba , ngithi kulo iSiyoni: Wena uyisizwe sami.
Ngiyakulubhidliza ugange enalunameka ngodaka olungavuthiwe , ngiludilizele phansi , lunamathele emhlabathini , kwambulwe isisekelo salo ; yebo, luyakuwa, nina niphele phakathi kwalo, nazi ukuthi nginguJehova.
Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendl e nendawo yokutshala izivini, ngiqulele amatshe alo esigodini, ngambule isisekelo salo.
Uphumela ukusindiswa kwabantu bakho, yebo, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho; uphohloza uphahla endlini yababi , wambula isisekelo kuze kube sentanyeni. Sela
Ake nikubeke ezinhliziyweni zenu , kusukela kulolu suku nangaphambili , kwasosukwini lwamashumi amabili nane lwenyanga yesishiyagalolunye, kwasosukwini okwabekwa ngalo isisekelo sethempeli likaJehova , yebo, nikubeke ezinhliziyweni zenu.
Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Maziqine izandla zenu nina enizwa kulezi zinsuku lawa mazwi avela emlonyeni wabaprofethi ababe khona mhla sibekwa isisekelo sendlu kaJehova Sebawoti, ithempeli, ukuba yakhiwe.
Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo -Israyeli. UJehova oweneka amazulu , wabeka isisekelo somhlaba , wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe , uthi:
Ufana nomuntu owayakha indlu , wemba washonisa , wabeka isisekelo edwaleni. Ekufikeni kwesikhukhula umfula washaya leyo ndlu , kepha wawungenamandla okuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle.
Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi : INkosi iyabazi abangabayo, nokuthi: Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.