"isisu"
17 occurrences in ZUL
Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelweyo , size siphuphume isisu sakhe, kungaveli enye ingozi kodwa, wohlawuliswa impela njengalokho indoda yomfazi iyakubeka kuye, akhokhe njengesinqumo sabahluleli.
umpristi uyakufungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso , umpristi athi kowesifazane: UJehova makakwenze isiqalekiso nesifungo phakathi kwabantu bakini, lapho uJehova eshwabanisa ithanga lakho , avuvukalise isisu sakho.
Lawa manzi aveza isiqalekiso ayakungena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho. Owesifazane uyakuthi: Amen! Amen!
Nxa esemphuzisile amanzi , kuyakuthi uma engcolisiwe waphambuka endodeni yakhe , amanzi aveza isiqalekiso angene kuye , ababe, isisu sakhe sivuvukale, ithanga lakhe lishwabane , owesifazane aqa lekiswe phakathi kwabantu bakubo.
Uyakudla inzalo yesakho isisu, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuxinekeni izitha zakho eziyakukuxina ngakho.
Inkaba yakho ingumkhe le oncweliweyo , ongasweli iwayini elixutshanisiweyo; isisu sakho siyinqwaba kakolweni, ibiyelwe ngeminduze.
Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe , uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe esekudleni.
UNebukadinesari, inkosi yaseBabel e ungidlile wangiqeda ; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrako ; ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangixosha.
Wathi kimi: Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, ugcwalise izibilini zakho ngalo mqulu engikunika wona . Ngase ngiwudla , wawumnandi emlonyeni wami njengezinyosi.
Lesi sithombe-ke, ikhanda laso liyigolide elihle , isifuba saso nezingalo zaso kuyisiliva, isisu saso namathanga aso kuyithusi,