engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe , isithando sensimbi, ngokuthi: Zwanini izwi lami , nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu,
Khona uNebukadines ari wagcwala ukufutheka , nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki , noMeshaki, no-Abedi Nego ; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho.