Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.
UGadi, iviyo liyakumcindezela, kepha yena uyakucindezela isithende salo.
Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba , obedla isinkwa sami , ungiphakamisele isithende sakhe.
Angikhulumi ngani nonke ; ngiyabazi engibakhethileyo ; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi : Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.