Skip to Content

"isithombe"

29 occurrences in ZUL

ngazimemezela kwasendulo , ngazizwisa kungakenzeki, funa usho uthi : Isithombe sami sizenzile , isithombe sam i esibaziweyo , nesithombe sami esibunjiweyo siziyalezile.

UJehova wathi kimi: Vuka wehle lapha masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe bonile, baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.

Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo , isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese. Bonke abantu bayakuphendula bathi: Amen.

Wabuyisela kunina lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva ; unina wathi: Ngiyangcwelisa impela leli siliva kuJehova esandleni sami , libe ngelendodana yami ukuba kwenziwe isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo ; manje ngiyakulibuyisela kuwe.

Kepha walibuyisela isiliva kunina , unina wathatha izinhlamvu ezingamakhulu amabili zesiliva , wazinika umkhandi wesiliva owenza ngazo isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo; zase zihlala endlini kaMika.

Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe benyuka , bafika lapho , basithatha isithombe esibaziweyo , nengubo yamahlombe , namatherafi, nesithombe esibunjiweyo ; umpristi wema ngasesikhaleni sesango kanye nabantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa.

Labo sebengenile endlini kaMika basithatha isithombe esiba ziweyo, nengubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibunjiweyo; umpristi wathi kubo: Nenzani na?

Abantwana bakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo ; uJonathani indodana kaGereshomu kaMos e yena namadodana akhe babe ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwaba ngosuku lokuthunjwa kwezwe.

Base bemisa isithombe esibaziweyo sikaMika abesenzile sonke isikhathi indlu kaNkulunkulu iseShilo.

Wamsusa uMahakha unina ebukhosikazini , ngokuba wayenzela u -Ashera isithombe esinengekayo ; u-Asa wanquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.

Wabeka isithombe esibaziweyo sika -Ashera asenzileyo endlini asho ngayo uJehova kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi : Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakw a-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;

Wamsusa uMahakha unina ka -Asa inkosi ebukhosikazini , ngokuba wayemenzele u -Ashera isithombe esinengekayo ; u-Asa wagawula isithombe sakhe, wasicolisisa, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.

Benza ithole eHorebe; bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.

Ompofu kunokuba anikele ngomnikelo onjal o uyakhetha umuthi ongaboliyo, azifunele isisebenzi esihlakaniphiley o ukuba simise isithombe esibaziweyo esingenakuzanyazanyiswa.

Abenza isithombe esibaziweyo bayize bonke ; izinto zabo ezithandekayo aziyikusiza; ofakazi babo ababoni, futhi abazi; bayakujabhiswa.

Ngubani owenzile uNkulunkulu, ngubani obumbile isithombe esibaziwey o esingesokusiza na?

Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika , wazambulela omunye kunami, wakhwela embhedeni , wawandisa, wavumelana nabo , wayithanda imibhede yabo, wazibonelela indawo.

Nina nd lu yakwa -Israyeli, isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Hambani nikhonze, kube yilowo isithombe sakhe , kepha impela ngasemuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.

Wena nkosi wabona, bheka, isithombe esikhulu. Lesi sithombe esasisikhulu nesikucwebezela kwaso kwakukuhle sema phambi kwakho , nesimo saso sasesabeka.

Wawusubona ukuthi kwaqheshulwa itshe k ungengazandla, lashaya isithombe ezinyaweni zaso eziyinsimbi nebumba, lazichoboza.

Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi , nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo , kwasuswa ngumoya , akutholwanga ndawo ; itshe elalisishay a isithombe laba yintaba enkulu , lawugcwalisa umhlaba wonke.

UNebukadinesari, inkosi, wenza isithombe segolide, ubude baso buyizingalo ezingamashumi ayisithupha , ububanzi baso buyizingalo eziyisithupha , wasibeka ethafeni laseDura esifundeni saseBabele.

Sisizani isithombe esibaziweyo, lokhu umbumbi waso esibaza , nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga , lokhu umbumbi waso ethemba kuso , ukuze enze izithombe eziyizimungulu, na?

Wena othi akungaphingwa , uyaphinga na ? Wena owenyanya isithombe , uphanga ithempeli na?

Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na ? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe , naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo,

Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlats helwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu , munye kuphela.

Kepha lokho kwazi akukho kubo bonke . Kodwa abanye, lokhu bejwayelene nezithombe kuze kube manje , bakudla njengokuhlatshelwe isithombe , nonembeza wabo obuthakathaka uyangcola.

Ngokuba uma umuntu ekubona wena onokwazi uhlezi ekudleni ethempelini lesithombe, unembeza walowo osebuthakathaka akayikududeka yini, aze adle okuhlatshelwe isithombe, na?

Ngakho ngithini pho? Ngithi okuhlatshelwe isithombe kuyinto na? nokuthi isithombe siyinto na?