Skip to Content

"isitsha"

40 occurrences in ZUL

UMose wathi ku -Aroni: Thatha isitsha, ufake iyomere eligcweleyo lemana , ukubeke phambi kukaJehova, kulondolozelwe izizukulwane zenu.

Kepha isitsha sebumba okuphekelwe kuso masaphulwe , kodwa uma kuphekelwa esitsheni sethusi, siyakuphucuzwa, sihashazwe ngamanzi.

Isitsha sebumba asithinta ocucuzayo siyakwaphulwa , nazo zonke izitsha zomuthi ziyakuhashazwa ngamanzi.

Kwaba njalo, ngokuba wavuka ekuseni ngangomuso, wabucindezela uboya, wakhama amazolo eboyeni, kwagcwala isitsha amanzi.

Susa amanyela esiliveni, bese kuthi kuphumele umkhandi isitsha.

Wathi: Ngiletheleni isitsha esisha, nibeke usawoti kuso. Basiletha kuye.

Kwathi izitsha sezigcwele , wathi endodaneni yakhe : Sondeza kimi nesinye isitsha. Kepha yathi kuye: Akusekho sitsha. Amafutha anquma-ke.

Ngiyakwelula phezu kweJerusalema umucu wokulinganisa waseSamariya , nomthofu wokumisa indlu ka -Ahabi; ngiyakwesula iJerusalema njengalokho umuntu esula isitsha, esesula asigumbuqele.

Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso ; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.

Vuka, vuka, usukume wena Jerusalem a ophuzile esandleni sikaJehov a indebe yokufutheka kwakhe ; uphuzile isitsha se ndebe yokutengezela , wasiminya.

isho kanje iNkosi yakh o uJehova noNkulunkulu wakh o emela indaba yabantu, ithi: Bheka, ngiyithathile esandleni sakh o indebe yokutengezela ; yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami awusayikusiphuza.

Kepha isitsha asenza ngebumba sonakala esandleni sombumbi ; wabuye wenza esinye isitsha njengokuhle emehlweni ombumbi ukuba asenze.

UNebukadinesari, inkosi yaseBabel e ungidlile wangiqeda ; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrako ; ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangixosha.

Kuyakuthathwa kuwo umuthi wokwenza umsebenzi, noma kuthathwe kuwo isikhonkwane ukuphanyeka isitsha, na?

UJesu waphendula wathi: Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na? Bathi kuye: Singakwenza.

Wathi kubo : Yebo, nizakusiphuza isitsha sami , kepha ukuhlala ngakwesokunene sam i nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselwe nguBaba.

Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: Phuzani nonke kuso;

Kepha uJesu wathi kubo : Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo mina , nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo na?

Bathi kuye : Singakwenza. UJesu wathi kubo : Isitsha engisiphuzayo mina niyakusiphuza, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina;

wayengavumi ukuba umuntu adabule ithempeli ethwele isitsha.

Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika; baphuza kuso bonke.

Wamukela isitsha, wabonga wathi: Thabathani lokhu, nabelane;

Khona uJesu wathi kuPetru : Faka inkemba emgodleni wayo ; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na? Ukuthethwa kwecala likaJesu (Math. 26:57; Mark. 14:53; Luk. 22:54)

Kwakubekiwe khona isitsha sigcwele uviniga ; khona bachoma ilula ligcwele uviniga othini lwehisopi, baliyisa emlonyeni wakhe.

Lokho kwaphindwa kathathu; isitsha senyuselwa masinyane ezulwini.

Mina bengisemzini waseJopha ngikhuleka ; ngehlelwa yisiyezi , ngabona umbono, kwehla isitsha esithile sinjengendwangu enkulu , yehliswa ezulwini ngamachopho amane, yaze yafika kimi.

Nokuba akanamandla yini umbumbi ebumbeni ukwenza ngesigaxa sisinye isitsha esinye esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na? Nabezizwe bayakukhethwa ngomusa kaNkulunkulu

Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi likaKristu na ? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na?

Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni ; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.

eline-altare legolide lokuthunqisa nomphongolo wesivumelwano umboziwe ngegolide nxazonke , okwakukhona kuwo isitsha segolide esiphethe imana , nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano;

Ingelosi yayisithabatha isitsha sempepho , yasigcwalisa ngomlilo wase - altare, yasiphonsa emhlabeni ; kwase kuba khona ukuduma , namazwi, nemibani, nokuzamazama komhlaba. Izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu ziphethe amacilongo. Ezine zokuqala ziyabetha amacilongo

Eyokuqala yaya -ke, yathululela isitsha sayo emhlabeni ; kwase kuvela isilonda esibi esinobuhlungu kubantu abanophawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso.

Neyesibili yathululela isitsha sayo elwandl e; lwase luba yigazi elinjengelofileyo, nakho konke okuzwayo okuphila elwandle kwafa.

Neyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi , kwase kuba yigazi.

Eyesine yayisithululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo.

Eyesihlanu yathululela isitsha say o esihlalweni sobukhosi sesilo ; nombuso waso wenziwa mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu,

Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu u-Ewufrathe; kwase kusha amanzi awo, ukuze indlela ilungiselwe amakhosi avela empumalanga.

Eyesikhombisa yayisithululela isitsha sayo emoyeni ; kwase kuphuma izwi elikhulu ethempelini esihlalweni sobukhosi, lithi: Sekwenzekile.

Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu , nemizi yabezizwe ya wa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.

Nowesifazane wayembethe okububende nokubomvu , evunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele , ephethe isitsha segolide ngesandla sakhe, sigcwele amanyala nokungcolileyo kobufebe bakhe,