Skip to Content

"isivumelwano"

177 occurrences in ZUL

Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe , uze ungene emkhunjini , wena namadodana akho , nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.

Bhekani, mina ngiyamisa isivumelwano sami nani nenzalo yenu emva kwenu,

Ngizakumisa isivumelwano sami nawe ; akusayikubhujiswa nyama ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukuba achithe umhlaba.

Khona ngiyakukhumbula isivumelwano esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke ; amanzi awasayikuba nguzamcolo wokuchitha inyama yonke.

Uthingo luyakuba semafwini; ngizakulubheka, ngikhumbule isivumelwano esiphakade phakathi kukaNkulunkulu nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke emhlabeni.

Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no -Abrama, wathi: Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:

Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe , ngikwandise kakhulu.

Bheka, ngokwami isivumelwano sami sikuwe ; uyakuba nguyise wezizwe eziningi.

Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe , nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo , sibe yisivumelwano esiphakade , ngibe nguNkulunkulu wakho nowenzalo yakho emva kwakho.

Wayesethi uNkulunkulu ku -Abrahama: Wena-ke usuyakusigcina isivumelwano sami kanye nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo.

Yilesi isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho eniyakusigcina ukuthi bayakusokwa bonke abesilisa bakini.

Makasokwe ozelwe endlini yakho nothengwe ngemali yakho; isivumelwano sami siyakuba senyameni yenu, sibe yisivumelwano esiphakade.

Owesilisa ongasokiwe , engasokwanga enyameni yejwabu lakhe , lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo , ngokuba waphulile isivumelwano sami.

UNkulunkulu wathi : Qha, uSara umkakho uyakukuzalela indodana ; uyakubiza igama l ayo ngokuthi u -Isaka; ngiyakusimisa isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.

Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami no -Isaka azakukuzalela yena uSara ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo.

Wahlala ehlane lasePharanu ; unina wamtha thela umfazi ezweni laseGibithe. Isivumelwano sika-Abrahama no-Abimeleki

U-Abrahama wayesethatha izimvu nezinkabi , wazipha u -Abimeleki; labo bobabili benza isivumelwano.

Base benza isivumelwano eBeri Sheba ; u-Abimeleki wasukuma noPikoli induna yempi yakhe, babuyela ezweni lamaFilisti.

Wakha khona i -altare, wakhuleka egameni likaJehova , wamisa lapho itende lakhe; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona. Isivumelwano sika-Isaka no-Abimeleki

Bathi: Sesibone nokubona ukuthi uJehova unawe . Sathi: Akube khona manje phakathi kwethu isifungo, phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe

Woza manje , senze isivumelwano mina nawe , sibe ngufakazi phakathi kwami nawe. Ukubuyisana kukaJakobe noLabani

UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo ; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

Futhi ngamisa isivumelwano sami nabo ukuyobanika izwe laseKhanani, izwe lokugogobala kwabo, lapho bebegogobala khona.

Yebo, futhi ngizwile ukububula kwabantwana bakwa -Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibithe; ngiyakhumbula isivumelwano sami.

Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami , nigcine isivumelwano sami , niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe , ngokuba umhlaba wonke ungowami,

Wayesethi: Bheka, ngiyenza isivumelwano; phambi kwabantu bonke bakho ngiyakuzenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; bonke abantu okhona phakathi kwabo bayakuwubona umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyesabeka lokhu engikwenza kuwe.

Xwaya ukuba ungasenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo , funa babe lugibe kuwe.

funa wenze isivumelwano nabakhileyo ezweni , baye baphinge nawonkulunkulu babo, bahlabele onkulunkulu babo, omunye akumeme, udle umhlatshelo wakhe,

UJehova wathi kuMose: Zilobele lawa mazwi, ngokuba ngokwalawa mazwi ngenzile isivumelwano nawe nabakwa-Israyeli.

Ngiyakuninaka, nginenze ukuba nizale, nande, ngimise isivumelwano sami nani.

uma nilahla izimiso zami , uma umphefumulo wenu unengwa yizahlulelo zami, ukuze ningayenzi yonke imiy alo yami , kepha naphule isivumelwano sami,

Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu , ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu , ninikelwe esandleni sesitha.

ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe ; nesivumelwano sami no - Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.

Kepha uma kunjalo , sebekhona ezweni lezitha zabo , angiyikubalahla, nginganengwa yibo , ukuze ngibaqothule , ngisaphule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;

kepha ngenxa yabo ngiyakukhumbula isivumelwano sawokhokho babo engabakhipha ezweni laseGibithe emehlweni ezizwe ukuba ngibe nguNkulunkulu wabo; nginguJehova.

Ngalokho yisho ukuthi: Bheka, ngiyamnika isivumelwano sami sokuthula;

siyakuba kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade, ngokuba wayenomhawu ngoNkulunkulu wakhe , wabenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana.

Sengiyakumisa isivumelwano sami nawe, wazi ukuthi nginguJehova

Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze , imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.

Xwayani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu owasenza nani ngokuzenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akwenqabela yona.

ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa ; akayikukushiya, angakubhubhisi, angakhohlwa isivumelwano sawoyihlo asifungela bona.

UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebe.

nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho , uzinqobe, wozichitha nokuzichitha, ungenzi isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo,

Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,

Kuyakuthi ngokuba nilalela lezi zahlulelo , nizigcine, nizenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakugcina isivumelwano nawe nomusa awufungela oyihlo,

Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho , ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe asifungela oyihlo njenganamuhla.

Uma kutholakala phakathi kwakho, ngaphakathi kwelithile lamasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona , owesilisa noma owesifazane owenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho ngokweqa isivumelwano sakhe,

Bese kuthiwa: Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wawoyise asenzayo nabo ekubakhipheni kwakhe ezweni laseGibithe,

UJehova wathi kuMose : Bheka, wolala koyihlo ; laba bantu bayak usuka, baye ukuphinga nawonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo , bangishiye, basaphule isivumelwano engisenzile nabo.

Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engalifungela o yise, elivame ubisi nezinyosi, badle, basuthe, bakhuluphale, bayakuphendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangidelele, basaphule isivumelwano sami.

owathi ngoyise nangonina : Angibabonanga, angabavuma futhi abafowabo , angabazi abantwana bakhe , ngokuba baliqaphele izwi lakho , bagcina isivumelwano sakho.

U-Israyeli wonile, yebo, beqile isivumelwano sami engabayala ngaso, yebo, bathathile nakukho okuqalekisiweyo , futhi bebile , baqambile amanga , bakubeka kweyabo impahla.

Kuyakuthi othathwayo enokuqalekisiweyo ashiswe ngomlilo , yena nakho konke anakho, ngokuba eqile isivumelwano sikaJehova nangokuba esebenzile ubuwula kwa-Israyeli.

Baya kuJoshuwa ekamu laseGiligali , bathi kuye nakumadoda akwa -Israyeli: Sivela ezweni elikude; ngalokho manenze manje isivumelwano nathi.

Amadoda akwa-Israyeli athi kumaHivi : Mhlawumbe nakhile phakathi kwethu; singenza kanjani isivumelwano nani na?

Amalunga ethu nabo bonke abakhileyo ezweni lakithi bakhuluma kithi , bathi: Phathani ezandleni zenu umphako wendlela , niye nibahlangabeze , nithi kubo: Siyizinceku zenu; manenze isivumelwano nathi.

UJoshuwa w abethembisa ukuthula , wenza isivumelwano nabo ukuba baphile; izikhulu zenhlangano zafunga kubo.

Kwathi emva kwezinsuku ezintathu sebesenzile isivumelwano nabo, bezwa ukuthi bangabakhelwane babo nokuthi bahlala phakathi kwabo.

Uma neqa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu akuyala ngaso , niye nikhonze abanye onkulunkulu , nibakhothamele, intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aninike lona.

UJoshuwa wayesenza isivumelwano nabantu ngalolo suku , wabamisela isimiso nomthetho eShekemi.

Ingelosi kaJehova yakhuphuka eGiligali , yaya eBokimi . Yathi: Nganikhuphula eGibithe , nginilethile ezweni engalifungela oyihlo ; ngathi: Angisoze ngaphula kuze kube phakade isivumelwano sami nani,

Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathi: Ngokuba lesi sizwe seqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, singalalelanga izwi lami,

Kwenyuka uNahashi wakwa-Amoni, wamisa eJabeshi Gileyadi ; bonke abantu baseJabeshi bathi kuNahashi : Yenza isivumelwano nathi , siyakukukhonza.

OJonathani noDavide be nza isivumelwano , ngokuba wamthanda njengenhliziyo yakhe.

UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide ; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide.

ngokuba ningenzele nonke ugobe , akwababikho ongitshelileyo lapho indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese , akwababikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingiqamekele njenganamuhla.

Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova ; uDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe. Inkohliso yabaseZifi

U-Abineri wayesethuma izithunywa kuDavide esikhundleni sakhe ngokuthi: Ngelikabani izwe na ? ethi futhi : Yenza isivumelwano nami ; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukubuyisela kuwe wonke u-Israyeli.

Wathi: Kuhle; ngiyakwenza isivumelwano nawe , kepha yinto inye engiyifuna kuwe , ngeyokuthi awuyikubona ubuso bami , uma ungalethi kuqala phambi kwami uMikhali indodakazi kaSawule, lapho uzayo ukubona ubuso bami.

U-Abineri wayesethi kuDavide: Ngiyakusuka ngihambe ngiqoqele wonke u - Israyeli enkosini yami, inkosi, ukuba benze isivumelwano nawe nokuba ubuse phezu kwakho konke ekufisayo inhliziyo yakho . UDavide wammukisa u - Abineri, wahamba ngokuthula.

Kwase kufika onke amalunga akwa -Israyeli enkosini eHebroni ; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova ; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.

Ayinjalo indlu yami kuNkulunkul u na? Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade ; sihleliwe ezintweni zonke , sigcinekile, ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami akayikukuhlumisa na?

UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokusho kwakhe kuye ; kwakukhona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni ; benza isivumelwano bobabili. Ukwakhiwa kwethempeli kuyalungiswa

Kwakungekho lutho emphongolweni , kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe , lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.

Ngimisile lapho indawo yomphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nawobaba ekubakhipheni ezweni laseGibithe. Ukuhlanjululwa kwethempeli

wathi: Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi , ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,

Ngalokho uJehova wathi kuSolomoni : Njengokuba wenzile lokho wena , ungagcinanga isivumelwano sami nezimiso zami engikuyale ngakho, ngiyakuwuhlwitha nokuhlwitha umbuso kuwe, ngiwunike inceku yakho.

Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isipho sesiliva negolide ; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.

Wathi: Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti , ngokuba abantwana bakwa -Israyeli balahlile isivumelwano sakho , badilizile ama-altare akho , babulele abaprofet hi bakho ngenkemba , kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.

Wathi: Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti , ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho , badilizile ama-altare akho , babulele abaprofethi bakho ngenkemba , kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe. Ukubizwa kuka-Elisha

UBeni Hadadi wayesethi kuye : Imizi ubaba ayithatha kuyihlo ngiyakuyibuyisa, uzenzele izitaladi eDamaseku njengokwenza kukababa eSamariya. U-Ahabi wathi : Ngalesi sivumelwano ngiyakukuvumela ukuba uhambe. Wayesenza isivumelwano naye, wamvumela ukuba ahambe. U-Ahabi usolwa ngumprofethi

Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada wathumela walanda izinduna zamakhulu zamaKhari nezabalindi , wazingenisa kuye endlini kaJehova , wenza isivumelwano nazo , wazifungisa endl ini kaJehova , wazibonisa indodana yenkosi.

UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaJehova nenkosi nabantu ukuba babe ngabantu bakaJehova, naphakathi kwabantu nenkosi.

uJehova enza nabo isivumelwano, wabayala wathi: Aniyikwesaba abanye onkulunkulu, ningakhothameli kubo, ningabakhonzi, ningabahlabeli;

aniyikukhohlwa isivumelwano engisenzile nani , ningesabi abanye onkulunkulu;

ngokuba abalalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wabo , kepha beqa isivumelwano sakhe ; konke ayala ngakho uMose inceku kaJehova kabavumanga ukukulalela nokukwenza.

Inkosi yema ngasensikeni , yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhlizi yo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.

Kwase kufika onke amalunga akwa -Israyeli enkosini eHebroni ; uDavide wenza isivumelwano nawo eHe broni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa -Israyeli njen gezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.

Khumbulani isivumelwano sakhe kuze kube phakade , izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,

Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe , lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.

Ngiwumisile lapho umphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nabantwana bakwa-Israyeli.

ethi: Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe ezulwini noma emhlabeni , ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,

Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe , njengalokho sasikhona phakathi kukababa noyihlo ; bheka, ngithuma kuwe isiliva negolide ; hamba waphule isivumelwano sakh o noBahasha inkosi yakwa -Israyeli ukuba asuke kimi.

Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada waziqinisa , wazithathela izinduna zamakhulu, u-Azariya indodana kaJerohamu , no-Ishmayeli indoda na kaJehohanani, no-Azariya indodana ka -Obede, noMahaseya indodana ka - Adaya, no-Elishafati indodana kaZikiri, zenza isivumelwano naye.

Lonke ibandla lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu ; uJehoyada wathi : Bhekani, indodana yenkosi iyakubusa njengokukhuluma kukaJehova ngamadodana kaDavide.

UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaJehova.

Manje sekusenhliziyweni yami ukwenza isivumelwano noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukuba ulaka lwakhe oluvuthayo lubuye kithina.

Inkosi yema endaweni yayo , yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe , nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngayo yonke inhl iziyo yayo nangawo wonke umphefumulo wayo ukuba iwenze amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.

Kepha baseqile isivumelwano njengo-Adamu; bangikhohlisa ngalokho.

Beka icilongo emlonyeni wakho ; onjengokhozi wehlela indlu kaJehova ; ngokuba beqile isivumelwano sami, baphambuka emthethweni wami.

Ngalokho masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu ukuba silahle bonke abesifazane nabazelwe yibo ngesiluleko senkosi nesabathuthumela ngomyalo kaNkulunkulu wethu; akwenziwe ngomthetho.

ngathi: Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho,

wafumana inhliziyo yakhe ithembekile phambi kwakho , wenza isivumelwano naye ukunika inzalo yakhe izwe lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaJebusi, nelamaGirigashi, wawafeza amazwi akho, ngokuba ulungile.

Ngalokho, Nkulunkulu wethu , Nkulunkulu omkhulu onamandla owesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa , yonke le nkathazo mayingabi ncane ebusweni bakho esificile thina , namakhosi ethu , nezikhulu zethu , nabapristi bethu, nabaprofethi bethu, nawobaba, nabo bonke abantu bakho , kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.

Lithelela kakhulu amakhosi owabeke phezu kwethu ngenxa yezono zethu ; abusa phezu kwemizimba yethu naphezu kwezinkomo zethu njengokuthanda kwawo; thina sisekuhluphekeni okukhulu. Abantu benza isivumelwano noNkulunkulu

Ngenxa yakho konke lokho senza isivumelwano esiqinisileyo , sasiloba; kwanamatheliswa ngophawu yizikhulu zethu , namaLevi ethu , nabapristi bethu.

Ngenza isivumelwano namehlo ami: ngingabuka kanjani intombi na?

Uyakwenza isivumelwano naw e ukuba umthathe abe yinceku kuze kube phakade na?

Zonke izindlela zikaJehova zingububele neqinis o kulabo abagc ina isivumelwano sakhe nezifakazelo zakhe.

Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo ; uyakubazisa isivumelwano sakhe.

Konke lokho kusehlele, kodwa asikukhohlwanga wena ; asisaphulanga isivumelwano sakho.

Buthelani kimi abangcwele bami abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.

Kepha komubi uNkulunkulu uthi : Yini ukuba ushumayele izimiso zami , uphathe isivumelwano sami ngomlomo wakho,

Ubeka isandla ngakuye ohlalisene kahle naye ; udumazile isivumelwano sakhe.

Khumbula isivumelwano , ngokuba izindawo ezimnyama zezwe zigcwele izindlu zobudlova.

Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu , benqaba ukuhamba emthethweni wakhe,

Baceba nganhliziyonye, benza isivumelwano ngawe:

Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi:

Ngiyakumgcinela umusa wami kuze kube phakade; isivumelwano sami soba siqinile kuye.

Angiyikwaphula isivumelwano sami , nokuphumileyo ezindebeni zami angiyikukuguqula.

Uchithile isivumelwano senceku yakho , wadumaza umqhele wayo , wawuphonsa emhlabathini.

kubo abagcina isivumelwano sakh e bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.

Ukhumbulile isivumelwano sakhe kuze kube phakade , izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,

Wabakhumbulela isivumelwano sakhe; waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.

Abamesabayo ubapha ukudla; ukhumbula njalo isivumelwano sakhe.

Uma abantwana bakho begcina isivumelwano sam i nobufakazi bami engiyakubafundisa bona , khona abantwana babo bayakuhlal a esihlalweni sakho kuze kube phakade.

oshiya umngane wobusha bakhe , akhohlwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe,

Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo , ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni, baphulile isivumelwano esiphakade.

Ngokuba nithe : Senzile isivumelwano nokufa , sivumelene nendawo yabafileyo; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula , asiyikusehlela thina, ngokuba senzile amanga abe yisiphephelo sethu , sicashile phansi kwenkohliso.

Futhi isivumelwano senu nokufa siyakuchithwa , nokuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuyikum a; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula , niyakunyathelwa phansi yiso.

Wo kubantwana abahlubukileyo , usho uJehova , abenza iziluleko , kungengezami nokho, nabenza isivumelwano, kungengesomoya wami kodwa, ukuze bengeze isono esonweni,

Imigwaqo iyize , izihambi seziphelile ; isivumelwano saphuliwe ; imizi ideleliwe; umuntu akanakekelewa.

Ngokuba mina Jehova ngithanda ukulunga , ngizonda ukuphanga kanye nokubi; ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso , ngenze isivumelwano esiphakade nabo.

Babuyele ebubini bawoyise bokuqala abala ukuzwa amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze : indlu ka -Israyeli nendlu k aJuda zisaphulile isivumelwano sami engasenza nawoyise.

Ungasideleli ngenxa yegama lakho , ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho; sikhumbule, ungasaphuli isivumelwano sakho nathi.

Bayakuthi: Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wabo, bakhuleka kwabanye onkulunkulu, babakhonza.

Bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda,

kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe , isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo, usho uJehova.

Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade , ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.

Usho kanje uJehova , uthi: U ma naphula isivumelwano sami semini nesivumelwano sami sobusuku, kuze kungabikho imini nobusuku ngesikhathi sakho,

khona isivumelwano sami noDavide inceku yami siyakwaphulwa ukuze angabi nandodana yokubusa esihlalweni sakhe sobukhosi , kanye namaLevi abapristi, izikhonzi zami.

Usho kanje uJehova , uthi: U ma isivumelwano sami semini nesobusuku singemi, ngingamisanga izimiso zezulu nomhlaba,

Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova , lapho inkosi uSedekiya isenzile isivumelwano nabo bonke abantu baseJerusalema ukubamemezela ukukhululeka,

Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nawoyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe endlini yeziboshwa, ngathi:

Nina-ke seniphendukile namuhla , nenza okulungile emehlweni ami ngokumemezela ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, nenza isivumelwano ngaphambi kwami endlini ebizwa ngegama lami.

Ngiyakunikela abantu abeqile isivumelwano sami , abangawaqinisanga amazwi esi vumelwano abasenzile ngaphambi kwami mhla bedabula kabili ithole, bedlula phakathi kwezinhlangothi zalo,

Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza kuwe njengalokho okwenzileyo, udelele isifungo, waphula isivumelwano.

Kepha mina ngiyakusikhumbula isivumelwano sami nawe ebusheni bakho , ngikumisele isivumelwano esiphakade.

Yayisithatha owenzalo yobukhosi, yenza isivumelwano naye , yamngenisa phansi kwesifungo, yasusa abakhulu bezwe,

ukuze umbuso uthotshiswe , ungaziphakamisi, kepha ume ngokugcina isivumelwano sakhe.

Kepha wahlubuka kuyo ngokuthuma izithunywa zakhe eGibithe ukuba aphiwe amahhashi nabantu abaningi . Uyakuphumelela, uyakubaleka yini owenzayo lokho, uyakusaphula isivumelwano, aphunyuke, na?

Ngokuba udelele isifungo ngokusaphula isivumelwano , wakwenza konke lokhu, noma enikile isithembiso sakhe; bheka, kayikuphunyuka.

Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula , ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.

Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo , sibe yi sivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubamisa, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.

lokhu ningenisile abezizwe abangasokile ngenhliziyo nabangasokile ngenyama ukuba babe sendlini yami engcwele , bayingcolise indlu yami, lapho ninikela ngesinkwa sami , nangamanoni, nangegazi, naphula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.

Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami , ngavuma ngathi: O Nkosi , Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo , ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,

Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye , imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto , kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu komchithi.

Ngasekupheleni kweminyaka bayakuhlangana , kufike indodakazi yenkosi yaseningizimu enkosini yasenyakatho ukwenza isivumelwano ; kepha ayiyikugcina amandla engalo, nayo inkosi ayiyikuma nengalo yayo , kodwa iyakunikelwa nabayilethayo, nowayizalayo, nowayisizayo ngalezo zikhathi.

Imikhumbi yaseKitimi iyakuyisukela ; bese idabuka , ibuye ithukuthelele isivumelwano esingcwele, ifeze; iyakubuya, inake abasishiyile isivumelwano esingcwele.

Iyakonakalisa ngokuthopha abaphatha kabi isivumelwano , kepha abantu abamaziyo uNkulunkulu wabo bayakuba namandla, baphikelele.

Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle , nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni , ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni, ngibalalise belondekile.

Bakhuluma amazwi nje, befunga amanga, benza isivumelwano; bese kumila ukwahlulela njengenhlungunyembe emiseleni yamasimu.

U-Efrayimi uyadla umoya , ulandela umoya wasempumalanga ; uyandisa imihla yonke amanga nencithakalo; benza isivumelwano ne -Asiriya, namafutha ayiswa eGibithe.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire , yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi, bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.

Ngase ngithatha induku yami uMusa , ngayinqamula, ukuze ngaphule isivumelwano sami engangisenzile nabantu bonke.

Niyakwazi ukuthi ngithumile kini lo myalo ukuba isivumelwano sami noLevi sime, usho uJehova Sebawoti.

Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika khona ukuba esabe; wangesaba, waphela amandla phambi kwegama lami.

Kepha nichezukile endleleni , nikhubekisile abaningi emthethweni ; nisonakalisile isivumelwano sikaLevi, usho uJehova Sebawoti.

Asinaye ubaba munye thina sonke ? Asidalwanga nguNkulunkulu munye na? Sikhohlisanelani, kube yilowo nomfowabo , sisingcolisa isivumelwano sawobaba na?

ukwenzela okhokho bethu is ihawu nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele,

Wayesemnika isivumelwano sokusoka; kanjalo-ke wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili ; u-Isaka wazala uJakobe , uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili.

Yilesi isivumelwano sami nabo, lapho ngisusa izono zabo.

Kodwa ingqondo yabo yaba lukhuni . Ngokuba kuze kube sosukwini lwanamuhla, nxa kufundwa isivumelwano esidala , leyo ndwangu isahle zi ingambuliwe, ngokuba iyapheliswa kuKristu;

Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso;

kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu , esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu. Isivumelwano esisha sikhulu kunesidala

Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo: Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli, nendlu kaJuda,

Ngalokho-ke isivumelwano sokuqala asimiswanga ngaphandle kwegazi.