Njengeqhwa ehlobo nemvula ngesikhathi sokuvuna , kanjalo udumo alufanele isiwula.
Ungasiphenduli isiwula njengobuwula baso, funa ufane naso.
Phendula isiwula njengobuwula baso , funa sibe ngohlakaniphileyo emehlweni aso.
Njengobopha itshe endwayimaneni, unjalo onika isiwula udumo.
Ingqongqo yenza konke yodwa; oqasha isiwula uqasha abadlulayo nje.
Njengenja ebuyela ebuhlanzweni bayo, kanjalo isiwula siphinda ubuwula baso.
Noma ugqula isiwula ngembokodwe etsheni lokusila phakathi komqhazulo, ubuwula baso abuyikusuka kuso.
Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso , kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.
Isiwula siyasonga izandla zaso, sidle umzimba waso.
Yebo, nasendleleni esihamba ngayo isiwula, siyaphela ingqondo, sisho kubo bonke ukuthi siyisiwula.
Isiwula siyandisa amazwi, nokho umuntu akazi okuyakuba khona; nalokho okuyakuba ngasemva kwakhe, ngubani ongamtshela lokho na?
Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka, nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.
Mina ngibonile isiwula sigxilile , kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.
Isiwula sithi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo; akakho owenza okuhle.
Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayaf a nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye.
Isiwula sithi enhliziyweni yaso : Akakho uNkulunkulu , iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka; akakho owenza okuhle.
Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo , kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.
Ukwenza okubi kunjengokudlala kuso isiwula ; kunjalo ukuhlakanipha kumuntu onengqondo.
Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi , kepha isiwula sihlakaza ubuwula.
Ohlakaniphileyo uyesaba , udeda eb ubini, kepha isiwula siyaqhosha , singanaki lutho.
Isiwula siyadelela ukulaya kukayise , kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.
Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula ; kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu.
Ozala isiwula kulusizi kuye; uyise wesiwula akathokozi.
Isiwula asithokozi ngokuqonda , kuphela ngokuveza okusenh liziyweni yakhe.
Ukutamasa akufanele isiwula ; kakhulu kangakanani akufanele ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu.
Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe , kepha isiwula sihamba ebumnyameni; nokho ngabona ukuthi umehlo munye wehlela bonke.
Ngubani owaziyo, uma eyakuba ngumuntu ohlakaniphileyo noma isiwula na? Nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikile nengihlakaniphe le kuwo phansi kwelanga . Nalokho kuyize.
Ngokuba ohlakaniphileyo udluleleni isiwula , nompofu okwazi ukuhamba phambi kwabaphilileyo unantoni na?
Isiwula asisayikubizwa ngokuthi sihloniphekile, nomkhohlisi akasayikuthiwa inkosi.
Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula , nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi, yenze ukungamesabi uNkulunkulu , ikhulume okupha mbene noNkulunkulu, yenze ukuba olambileyo abe nephango , nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.